Udumo lwedlulele ezinganeni zikatol A$$ Mo

Ilanga langeSonto - - Izindaba - AYANDA BUTHELEZI

BEKUNGU-DECEMBER 2012 ngesikhathi izithandani ezingosaziwayo umongezi Mahlangu ongusomahlaya nesinqandamathe sakhe umome Nale osemkhakheni wezemfashini zibopha ifindo likasofasilahlane ohlelweni lwazo oluyi- reality show, IMO Love, eyabe ikhonjiswa kwivuzu TV ngaleso sikhathi.

Ngesikhathi umongezi, odume ngelikatol A$$ Mo kulo mkhakha, obesebenzisa isibongo sikangcobondwane, esho izifungo zakhe zomshado wathi akamboni omunye ofanele yena ngaphandle komkakhe umome, ayebuye amteketise ngelika- sugar bing bing.

Wathi akazisoli futhi ngokuba amcele uxolo ngesikhathi umome ezilolonga ezitaladini zasemelville, egoli ngoba ukuba akavumanga ngabe lolu suku alubafikelanga.

Wabe esethi: “Ngiyathandaza ukuba ngelinye ilanga sibe nabantwana bethu ukuze uchucky (umdlwane) azoluma bona ayeke ukuluma wena. Ngiyisisekelo sakho, ngiyakuthanda Baby, nochucky uyakuthanda.”

Ngesikhathi

ILANGA

Langesonto lihlela ukukhuluma nalaba bashadikazi abadume ngesitayela sokugqoka izimpahla ezinemibala egqamile, lithole ukuthi kuningi osekushintshile empilweni yabo kule minyaka engu-6 edlule kusukela ngalolu suku lomshado. Uthando lwabo lusaqinile kanti futhi nomndeni wabo usukhulile njengoba bebusiswe [email protected]

ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE. COM

ZITSHENGISA ukukhula ngokushesha izingane zikatol A$$ Mo, untuthuko "TK" nokhumo njengoba zibonakala zingena emikhakheni ezenzela imali zisencane. Ngu-tol A$$ Mo ugqame kakhulu emkhakheni wezamahlaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.