ZOWAKHA MBATHA
lezi zinhlelo bafaka nezindaba ezithinta wona umculo nokuyinto enhle kodwa edinga ukulawuleka ngoba inkinga iqala uma umsakazi esehluleka wukuhlela isikhathi sakhe.
Esengihlangane kakhulu negama lakhe owenza leli phutha ngusthandwa Nzuza (Gama) wokhozi FM. Olwakhe lungomgqibelo emini (Top 20) phakathi kuka-12h30 kuya ku15h00.
Ukwehluleka kwakhe ukudlala ngokuphelele izingoma ezingu-20 ekubeni enesikhathi esingaka kushiya imibuzo futhi kuyaphoxa ngoba usenomlando omude emsakazweni.
Kumele bamlekelele abaphathi ngokunciphisa okuyizingxoxo nezindaba okwenzeka kulolu hlelo ngoba ugcina ungasahlonipheki umsebenzi wabaculi nokwenza naye asale ebukeka eyimfundamakhwela.
*Ngaphandle kwalokho, masilubongele ukhozi FM ngokunyuka kwabalaleli ngabacishe bafike kwikhulu lezinkulungwane muva nje besuka ku-7 504 000 beya ku7 603 000. *Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za