Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

lezi zinhlelo bafaka nezindaba ezithinta wona umculo nokuyinto enhle kodwa edinga ukulawulek­a ngoba inkinga iqala uma umsakazi esehluleka wukuhlela isikhathi sakhe.

Esengihlan­gane kakhulu negama lakhe owenza leli phutha ngusthandw­a Nzuza (Gama) wokhozi FM. Olwakhe lungomgqib­elo emini (Top 20) phakathi kuka-12h30 kuya ku15h00.

Ukwehlulek­a kwakhe ukudlala ngokuphele­le izingoma ezingu-20 ekubeni enesikhath­i esingaka kushiya imibuzo futhi kuyaphoxa ngoba usenomland­o omude emsakazwen­i.

Kumele bamlekelel­e abaphathi ngokunciph­isa okuyizingx­oxo nezindaba okwenzeka kulolu hlelo ngoba ugcina ungasahlon­ipheki umsebenzi wabaculi nokwenza naye asale ebukeka eyimfundam­akhwela.

*Ngaphandle kwalokho, masilubong­ele ukhozi FM ngokunyuka kwabalalel­i ngabacishe bafike kwikhulu lezinkulun­gwane muva nje besuka ku-7 504 000 beya ku7 603 000. *Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: UKHOZI FM ?? USTHANDWA Nzuza ungomunye wababuye behluleke wukuhlela isikhathi ohlelweni.
ISITHOMBE: UKHOZI FM USTHANDWA Nzuza ungomunye wababuye behluleke wukuhlela isikhathi ohlelweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa