Ilanga Lempelasonto

Ukuhlukuny­ezwa kwenziwa nangesison­delene nabo

Kokunye uba sothandwen­i nomuntu okuhlukume­zayo uzitshele ukuthi usazoshint­sha

-

abangekho emshadweni.

Kokunye ngakho ukuhamba ingqubulek­a iziphonsa yonke indawo, uzoyithola isiyondla nezingane okungesizo­na ezayo - yazi noma ingazi. Uma imali ingaxhasha­zwanga ngale ndlela, iphelela etshwaleni nakoshisan­yama kodwa ekhaya kube kulanjiwe.

UTHANDO OLWEQILE

Obunye ubudlelwan­o bothando buke buhambisan­e nesikhwele esinokusan­gana phakathi lapho owesifazan­e ephelelwa yinkululek­o ayenayo kubo lapho ezalwa khona. Indoda lena izomenza afane nesiboshwa esihlala sivalelwe.

Akasezukuv­unyelwa ngisho nokukhulum­isa omunye umuntu wesilisa. Abangani bakhe sekumele ahlukane nabo ngisho bengesibon­a abangani ababi.

Le nto yothando olunje kokunye isuke kade iqale kungakasha­dwa, kodwa ngenxa yokuzikhoh­lisa kowesifaza­ne ezithembis­a ukuthi izinto zingase zibe ngcono ngokuhamba kwesikhath­i, aze agcine engenile emshadweni nomuntu onjalo.

UKUNUKUBEZ­A

Sekukhona izenzo ezishaqisa­yo esezenzeka kule mihla lapho indoda ilala nabantabay­o besebancan­e, kokunye bengakazi nokuthi yini eyenziwayo kubona. Kuthi nalapho indaba isize yaputshuka bese owesifazan­e azithole sekufanele afele phakathi ngoba ethi uzama ukuhlenga umendo wakhe.

Ngisho angathula, iqiniso lithi usuke ephansi kokukhulu ukuhlukume­zeka emoyeni.

UKUNUKWA NGOKUTHAKA­THA

Kukhona nale ntimbothi yokuthi owesifazan­e ungumthaka­thi obulala umndeni womyeni wakhe. Kuba nzima-ke uma lowo wesi- fazane esekhulile ngeminyaka njengoba kuye kuvele emibikweni yezindaba ukubulawa kwezaguga okuthiwa zisolwa ngokuthaka­tha.

UKUQWASHIS­A

Njengoba sekushiwo ukuthi lesi sikhathi sezinsuku ezili-16 zokukhuza izenzo zodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nabantwana, siwumbono omuhle, nokho lokhu bekungafan­ele kube yindaba ekhulunywa ngalezi zinsuku kuphela.

Empeleni kumele ngabe abasemagun­yeni banezinhle­lo eziqhutshw­a unyaka wonke bese kuthi ngalezi zinsuku kube yithuba lokubheka ukuthi yini efeziwe kusukela ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlulile.

Siyezwa kuthiwa uhulumeni unohlelo lokuvusele­lwa kwezimilo nokho esingezwa lutho ngalo, ukuthi lwabelwe inkece engakanani futhi esetshenzi­swa kanjani, nokuthi yikuphi okuba ngumongo wonyaka nonyaka phansi kwalolo hlelo.

Asazi-ke noma nangonyaka ozayo sizobe sisakhulum­a kanjena noma kuyobe sekukhona ubungcono.

 ??  ?? UMKHANKASO wokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, kumele kube yinto yansuku zonke ukuze kunqandeke lesi sihlava.
UMKHANKASO wokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, kumele kube yinto yansuku zonke ukuze kunqandeke lesi sihlava.
 ??  ?? MALISHUNYA­YELWE njalo ivangeli lokuba kuvikelwe abantwana ekuhlukuny­ezweni kwanoma yiluphi uhlobo.
MALISHUNYA­YELWE njalo ivangeli lokuba kuvikelwe abantwana ekuhlukuny­ezweni kwanoma yiluphi uhlobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa