KUYABUYA UKUZETHEMBA KUMGADLI WEDOWNS

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UDALULA ubunzima ababhekene nabo ujeremy Brockie ongumgadli wemamelodi Sundowns obukeka eseqala ukungena egiyeni.

Idowns izobhekana nomkhaya isupersport United koweAbsa Premiership namuhla ngesonto ngo-15h30 elucas Moripe Stadium, e-atteridgeville. Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba kubhekene umfundi nothisha.

Kuzokhumbuleka ukuthi ukaitano Tembo ololonga isupersport, uke wasebenza nopitso “Jingles” Mosimane kuyona isupersport eminyakeni eyedlule. Umosimane usecija idowns.

Bayaqala ukuhlangana selokhu utembo enikwe ngokugcwele lo msebenzi wokucija isupersport ekuqaleni kwesizini. Ngakolunye uhlangothi, ubrockie uhambe eselwa kwiSupersport ingafuni ukumdedela ukuba ajoyine idowns ebifuna ukumthenga ngetshe lemali. Lo mdlali uze wabhala incwadi efuna ukukhululwa, wagcina ehambile.

Ubrockie uveza ubunzima ababhekene nabo ngaphambi komdlalo wesupersport. Lo mdlali ushaye inkunzimalanga yegoli ezakhe zehlula ileones Vegetarianos yaseEquatorial Guinea ngo-2-0 kowecaf Champions

League ngolwesithathu ebusuku kulo leliya lizwe.

“Sinzima isimo esibhekene naso. Ukunqamula la mazwe ase-afrika amahora ngamahora kumunca wonke amandla emzimbeni.

"Kodwa-ke yimpilo esizikhethele yona, kufanele siyimele. Ngikholwa wukuthi sesisesimweni esihle manje ukubhekana nesupersport.

"Lo mdlalo uza nenkulu ingcindezi kimina ngoba ngiyodlala nabantu engibazi njengoba ngizazi nabo abangaziyo kwazise yibona abangiveze ebholeni lakuleli.

“Ngihlukene phakathi kodwa-ke ngiyabazi abaqashi bami, yibona okufanele ngibasebenzele. Kuzokuba ngumdlalo oseqophelweni eliphezulu kodwa kungangijabulisa ukushaya igoli kulo mdlalo futhi sinqobe.

"Kodwa-ke sizobona khona, kangingabazi ukuthi kuzokuba wumdlalo omnandi nami ngizizwa ngibuyelwe wukuzethemba njengoba sengiqalile ukubhakuzisa inethi,” kusho ubrockie.

Uthuso Phala odlala esiswini kwisupersport, uthi lo mdlalo womkhaya umqoka kubona ngendlela eyisimanga.

“Ngaphandle nje kokuthi siyobhekana nomkhaya, sifuna ukuqinisekisa ukuthi siya ema- holidini okuphela konyaka sikwi-top 8. Ukuhlula kwethu omkhaya kuzosinika omkhulu umfutho kule mid-

lalo esele onyakeni. Sizokulwa ngawo wonke amandla esinawo ukunqoba lokho kangikungabazi,” kusho uphala.

* Komunye umdlalo weAbsa Premiership, ibloemfontein Celtic izobhekana nepolokwane City namuhla ngesonto ngo-15h30 edr Molemela Stadium, efree State.

Lo mdlalo uza nenkulu ingcindezi kimina, ngiyodlala nabantu engibaziyo...

THUSO Phala GEREMY Brockie

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.