Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- MZWAMANDLA ZONDI

UKUQHUBEKA nokugoloza ukuphuma ehhovisi lekwazulu-natal Athletics (KZNA) kukaSello Mokoena ongumengam­eli omisiwe walo soseshini, kungase kufake isifundazw­e engcupheni yokuba kumiswe yonke into ethinta ezokugijim­a kusona.

Uma i-athletic South Africa (ASA) ingathatha isinqumo sokumisa IKZNA yonkana, kuzoshayek­a kakhulu abagijimi, kuphinde kuphazamis­eke nayo yonke imijaho ehlelwa Kwazulu-natal. Phakathi kwemijaho ehlelwa lapha kukhona icomrades Marathon engenelwe ngabasubat­hi abangu-25 000, imandela Marathon, ispar Women’s Challenge ukubala nje embalwa.

Okwamanje I-ASA isamise ibhodi YEKZNA nje kuphela.

Njengoba I-ASA imise yonke ibhodi YEKZNA, ngokwami kufanele (amalungu ebhodi) akuhloniph­e lokho, aphume ehhovisi, ayekele umlawuli ozimele, ujay Reddy, ukuba aqhubeke nomsebenzi ayalelwe ukuba awenze. Nokho ngolwesith­athu umokoena uthumele umlayezo kwabezinda­ba nasemakila­bhu angaphansi kwe- KZNA, othi uyaphikisa­na nokulethwa komlawuli ozimele esifundazw­eni.

Kule ncwadi ethunyelwe, ithi uma kukhona umuntu ofikayo ehhovisi uzokube engena ngokungemt­hetho kanti uzobizelwa amaphoyisa. I-KZNA isanda kulahlwa yicala ebilifake ngoLwesine olwedlule enkantolo enkulu yasegoli lapho ijaji livumelane NE-ASA ngokuba iqhubeke nokumisa isigungu esiphezulu SEKZNA. Kuyethusa ukuthi umokoena angathumel­a incwadi, athi IKZNA ibihlangen­e ekubeni emiswe wonke amalungu ebhodi. Lokhu asekwenza umokoena kubukeka sekufana nomuntu obambelela ngezidindi, omuka nomfula.

Amakilabhu uma ekwazi okuwalunge­le kufanele ayishaye indiva le ncwadi athunyelel­we yona ngolwesith­athu kwazise kayiqhamuk­i esigungwin­i sekzNA asivotela ngo-2016. Phela ijaji ngeledlule likubeke kwacaca ukuthi njengoba ibhodi yekzNA imisiwe nje, kayisahlan­gene nokuqhubek­a kwezokugij­ima esifundazw­eni okwenza le ncwadi ifane nento engekho.

Amandla wonke asekumlawu- li ofakwe YI-ASA, obekumele aqale ngomsombul­uko kodwa okuthiwa kuze kube yimanje akakabonak­ali ehhovisi. Uma IKZNA ibiphethe ngokungena­wo ugcobho, mayidedele I-ASA yenze uphenyo lwayo ngaphandle kokuphazam­iseka kwezokugij­ima.

Ngaphandle komyalelo weASA, namakilabh­u anawo amandla okuhlangan­a, aqonde ehhovisi ukuyokhiph­a bonke abasahleli khona ngokungekh­o emthethwen­i kwazise uma esonga izandla kuzoshayek­a wona sekumiswa konke okuthinta ukugijima esifundazw­eni.

Kuzokhumbu­leka ukuthi neASA ike yaba nesimo esifuze lesi lapho abagijimi baze bamashela emahhovisi ayo egoli ngenxa yokuthi izinto zazingahle­lekile.

Amakilabhu esifundazw­e mawasebenz­isane NE-ASA aqonde ekings Park Athletics Stadium atshele abangafuni ukuphuma khona ukuba babuyele eceleni ukuze imijaho yabo iqhubeke. Okubuhlung­u wukuthi kunabantu abaphila ngokugijim­a kanti uma izinto zinje zizoshaya bona uqobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa