Ilanga Lempelasonto

Uthole amadlelo aluhlaza uzimdollar

- JOHN HLONGWA

Uzolingisa emdlalweni kamabonaku­de

UPHINDE wanyelwa yinyoni esandleni umsakazi wokhozi FM, uzimiphi “Zimdollar” Biyela njengoba kuvela ezithi usethole umsebenzi wokulingis­a indawo eqavile emdlalweni omusha kamabonaku­de, ozosakazwa esiteshini esikhokhel­wayo, umzansi Magic channel 161.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi uzimdollar useqalile ukuqopha iziqephu zalo mdlalo osihloko sithi Ehostela, ozodlala ngamasonto kusukela ngo-8 kuya ku-9 kusihlwa. Lo mdlalo okuthiwa uyitelenov­ela, kulindelek­e ukuba uboniswe ngonyaka ozayo.

Leli phephandab­a like layibhadam­a le ntokazi yehla ekhumbini okukholaka­la ukuthi ithutha abalingisi balo mdlalo ibayisa noma ibasusa lapho kuqoshelwa khona Kwamashu.

Umthombo osondelene kakhulu nezenzeka ngaphakath­i kulo mdlalo, utshele leli phephandab­a ukuthi ngokwalo mdlalo, uzimdollar uzobe engufortun­ate Sikhosana ogane indoda ebihlala ehostela, kodwa asehlala nayo elokishini. Le ndoda ngokusho komthombo iyafihla enkosikazi­ni yayo (Zimdollar) ukuthi isayiphila impilo yasehostel­a.

Ufortunate uze athole indoda isishonile ukuthi kanti ibisaqhube­ka nempilo yasehostel­a. Lo mdlalo kuthiwa uqoshelwa ehostela isulabasha khona Kwamashu, kanti ingqikithi yawo wukuveza impilo yasehostel­a nokuxhuman­a phakathi kwabantu bakhona nabasemalo­kishini.

Khuzokhumb­uleka ukuthi le ntokazi iyabonakal­a nasemdlalw­eni owuchungec­hunge, uzalo okhonjiswa KUSABC 1 kusukela ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu kusihlwa.

Ethintwa yileli phephandab­a uzimdollar, akaphikang­a futhi akavumanga. Ucele ukuba kuthintwe abakwastai­ned Glass, okuyinkamp­ini epheka lo mdlalo.

Bagcine bengaphawu­langa abestained Glass ngemuva kokuthintw­a kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

 ??  ??
 ??  ?? UZIMIPHI “Zimdollar” Biyela usezobonak­ala emdlalweni kamabonaku­de okhuluma ngempilo yasehostel­a.
UZIMIPHI “Zimdollar” Biyela usezobonak­ala emdlalweni kamabonaku­de okhuluma ngempilo yasehostel­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa