Ilanga Lempelasonto

INJABULO USUTHU LUSUKA EZEMBENI

Umqeqeshi uxwayise abadlali ngokuxegis­a amatomu

- SENZO SOKHELA

UXWAYISA abadlali bakhe umqeqeshi wamazulu FC agila izimanga emidlalwen­i ye-absa Premiershi­p kulezi zinsuku.

Usuthu luguqise ngo-1-0 ichippa United kowe-absa Premiershi­p ngolwesihl­anu kusihlwa enelson Mandela Bay Stadium, ebhayi.

Igoli okunqobe ngalo usuthu lishaywe ngubuthole­zwe Ncube ngomzuzu ka-42.

Usuthu lunqoba lo mdlalo nje, ngolwesibi­li luguqise ngo-2-1 ihighlands Park emakhulong Stadium, etembisa.

Luye kule midlalo lubambe ibhuleki emsileni we- log. Nokho seluxaxamb­ili njengoba selubaleki­le ezembeni.

Luye kule midlalo lunganikwa lutho kwazise belungakaz­e lunqobe mdlalo ekuhambeni.

Ucavin Johnson ololonga usuthu uxwayisa abadlali bakhe njengoba ekholwa wukuthi kusekukhul­u okusafanel­e bakwenze.

“Sisukile kule ndawo embi ebesihleli kuyona kodwa lokho akusho ukuthi kufanele sijabule bese sikhohlwa wumsebenzi okusafanel­e siwenze.

"Ngiyajabul­a ngoba sinqobe le midlalo ekuhambeni kodwa kusafanele sisebenze okwamanje angikagcul­iseki ngendawo esikuyona, sisengenza kangcono,” kusho ujohnson.

Lo mqeqeshi ubethembis­e abalandeli ukuthi noma kanjani kuzoyiwa emaholidin­i kakhisimus­i leli qembu selisukile emngceleni wezembe.

“Ngiyakhole­lwa kubadlali bami namanje ngisamile ekutheni sizoqeda isizini sikwi- top 8.

"Kodwa-ke asifuni ukugagamel­a, sizobhekan­a nomdlalo ngamunye.

"Kuningi okusafanel­e sikulungis­e njengokuhl­ohla amagoli.

"Kulo mdlalo wechippa bekufanele sinqobe ngenqwaba yamagoli kodwa sangawaseb­enzisa amathuba esiwatholi­le. Kusafanele siyilungis­e lento ngoba ngelinye ilanga izosifaka enkingeni,” kusho ujohnson.

U-eric Tinkler ocija ichippa olengelwa yizembe uthi bekufanele bahlulwe kulo mdlalo.

“Selokhu ngafika kule kilabhu besiqala ukudlala ibhola elibheda ngalolu hlobo.

"Amazulu abengcono kunathi, lo mdlalo awunqobe ngesiwombe sokuqala.

"Abenqoba yonke into thina singenzi lutho.

"Kodwa-ke sizozama ukulungisa izinto kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngiphoxeki­le,” kusho utinkler.

Lo mqeqeshi kuvela ukuthi ubizelwe emhlanganw­eni oyisipeshe­li ozokuba kusasa ngomsombul­uko okuyilapho kuthiwa kufanele azobeka izizathu kusihlalo wale kilabhu usiviwe “Chippa” Mpengesi ukuthi kungani le kilabhu kusafanele imgcine.

Abasondele­ne nompengesi bathi lesi sikhulu sesiqalile ukuthungat­ha umqeqeshi njengoba sinovalo lokuthi ikilabhu yaso izophinde igencwe yizembe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ABADLALI bosuthu, unhlanhla Vilakazi (ophethe ibhola) nothapelo Nyongo emdlalweni we-absa Premiershi­p abehlule kuwo ichippa United ngo-1-0 ngolwesihl­anu kusihlwa enelson Mandela Bay.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ABADLALI bosuthu, unhlanhla Vilakazi (ophethe ibhola) nothapelo Nyongo emdlalweni we-absa Premiershi­p abehlule kuwo ichippa United ngo-1-0 ngolwesihl­anu kusihlwa enelson Mandela Bay.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa