UBEYINDODA EQOTHO UMENGAMELI WASE-USA U-HW BUSH ONGASEKHO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UKUDLULA emhlabeni kwalowo owayengumengameli wama-41 waseUnited States of America (USA), umnu George H.W. Bush (94), ( osesithombeni) yindaba enkulu emhlabeni jikele kule mpelasonto, kanti nemiyalezo yenduduzo evela emagunjini amane omhlaba, ingena ilakanyana.

Umnu H.W. Bush obengumengameli wase-usa kusukela ngo-1989 kwaze kwaba ngu-1993, ushone ngolwesihlanu eseneminyaka engu94 ubudala, kanti unguyise kamnu George W. Bush owake waba ngumengameli wakuleliya lizwe wama43 kusukela ngo-2001 kwaze kwaba ngu-2009.

Imbangela yokushona kwakhe ibingakadalulwa ngesikhathi sokushicilela, kanjalo nezinhlelo zomngcwabo wakhe bezingakamenyezelwa ngokusemthethweni.

Eminyakeni edlule waveza ukuthi unesifo esaziwa ngeparkinson’s

disease, esamenza wagcina engakwazi ukuhamba njengoba ubesesebenzisa inqola enamasondo (wheelchair).

Ushona nje, ngasekuqaleni kwalo nyaka ngombasa (April) kwashona inkosikazi yakhe, ubarbara.

Esitatimendeni esikhishwe ngumnu George W. Bush mayelana nokushona kukayise, uthe umndeni udabuke kakhulu ngokwedlula emhlabeni kukayise amchaze njengendoda eqotho.

Umnu Tony Blair, oke waba ngundunankulu wase-united Kingdom uchaze umnu H.W. Bush njengomuntu obezinikele ezweni lakhe, nasekwakheni umhlaba ongcono futhi onokuthula.

UMNU George H.W. Bush owayengumengameli wase-usa oshone ngolwesihlanu kusihlwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.