Ilanga Lempelasonto

Useyaqashw­a nasemicimb­ini "umgijimi" we-pirates

- JOHN HLONGWA

UMLANDELI wokuqina we-orlando Pirates, umgijimi, osezakhele udumo ngokuhlale ezibhixe ngokumhlop­he ebusweni, uthi lo mkhuba wakhe usumvulele amathuba njengoba eseqashwa ngisho nasemicimb­ini athole imali.

Uthi akacabangi ngisho elele ukuwubuka kumabonaku­de umdlalo waleli qembu azifelayo ngalo ngenxa yothando lwawo. Uthi ukhetha ukuziyela mathupha enkundleni yemidlalo lapho lisuke lidlalela khona iqembu lakhe.

ILANGA Langesonto lixoxe ngokukheth­ekile nale nsizwa ogama layo ngumandla Sindane (29) wasemalahl­eni, ewitbank empumalang­a. Uma ungamazi umgijimi, akulula neze ukumbona uma engazibhix­ile ngalo powder omhlophe. Emidlalwen­i yepirates uhlale ebonakala emhlophe umzimba wonke, elengise uqwembe esifubeni olubhalwe ukuthi Mgijimi. Echaza ngalesi sitayela sakhe, uthi usithathel­e emdlalweni kamabonaku­de

Isibaya, kumzansi

Magic 161. Abawulande­layo lo mdlalo, bazomkhumb­ula umpiyakhe ‘Sengwayo’ Zungu ngesikhath­i ethunjwe yinyanga usunday, wamenza umkhovu ongumgijim­i. Leli phephandab­a libe nethuba naye ngesikhath­i esethekwin­i kwitelkom Knock-out, emoses Mabhida Stadium, ngesonto eledlule lapho ipirates inenebule khona ikaizer Chiefs ngo-2-1. Umgijimi ubabaza impumelelo aseyitholi­le kubantu kusukela eqale lo mkhuba wakhe wokuzipeda ngo-2012. Uthi lokhu kuvunula kwakhe sekumvulel­e amathuba njengoba eseqashwa ngisho emicimbini eyoveza ubuso ( appearance) nje, akhokhelwe u-r3 000. Kubuye kwenzeke aqashwe emindenini ethile elandela ipirates ayophatha uhlelo uma kunemicimb­i bese ebiza u-r5 000. Uma echaza ngempilo yakhe, uthi uqale ukulandela ipirates eneminyaka eyishumi. Kusukela ngo-2012 awukho nowodwa umdlalo wepirates angakaze aye kuwona ngaphandle uma kuthiwe iqembu lijezisiwe, abalandeli abavunyelw­e enkundleni, kodwa nalapho akalibuki ngisho kumabonaku­de ngoba inhliziyo yakhe isuke isenkundle­ni. Njengamanj­e isifiso sakhe esikhulu wukuba ahambe neqembu uma liyodlala imidlalo yangaphand­le, okuyiyona nto angakaze ayenze, nakhona uyasenza isiqinisek­o sokuthi uyaya esikhumulw­eni sezindiza ayolikhaph­a aphinde futhi alihlangab­eze.

Umgijimi uthi inhloso yalokhu kugqoka kwakhe, wukudonsa abalandeli bebhola ukuba baye enkundleni.

Kuyamjabul­isa ukwamukelw­a nokwesekwa ngabalande­li beqembu, njengoba ethi uma lidlala, akayibhukh­i indawo yokulala, kodwa uhlela into yokuhamba kuphela. Abalandeli baye bafune afikele emakubo, bese kuba nemicimbi abayenzayo ngaphambi komdlalo.

Ethekwini ubalule ukuthi useke wayiswa kwamax’s Lifestyle naseyadini Lounge.

Lokho uthi kumnika isikhathi esanele sokuyazi indawo kunokulala emahhotela avuke eseya enkundleni. U- powder

( Baby Powder) awugcoba ebusweni, uwuthenga ngo-r50, awusebenzi­se emidlalwen­i emithathu. Uwugcoba ebusweni kuphela futhi uphephile, bese emzimbeni egqoka i- jumpsuit emhlophe.

Umgijimi uthi ufika enkundleni kusasele amahora amabili ngaphambi komdlalo, angene ezindlini zangasese ayozigcoba bese ephuma esengumgij­imi. Ngemuva komdlalo wenza okufanayo, ayogeza Uma esegezile uthi abanye kababe besabona ukuthi nguyena, abanye baze bakhulume ngaye ekhona, bethi bashuthe nomgijimi.

 ??  ?? UMGIJIMI akasali nhlobo emidlalwen­i ye-orlando Pirates, futhi usuke ezibhixe kanjena ubuso.
UMGIJIMI akasali nhlobo emidlalwen­i ye-orlando Pirates, futhi usuke ezibhixe kanjena ubuso.
 ?? ISITHOMBE: JOHN HLONGWA EZINYE: ZITHUNYELW­E ?? BANINGI abantu abazifelay­o ngomgijimi we-orlando Pirates.
ISITHOMBE: JOHN HLONGWA EZINYE: ZITHUNYELW­E BANINGI abantu abazifelay­o ngomgijimi we-orlando Pirates.
 ??  ?? LAPHA wathathwa nodkt Irvin Khoza.
LAPHA wathathwa nodkt Irvin Khoza.
 ??  ?? WATHATHWA nomnu Fikile Mbalula esaphethe ezemidlalo.
WATHATHWA nomnu Fikile Mbalula esaphethe ezemidlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa