Umyeni wami ujola ne-ex
NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engu-33. Umyeni wami uyangijolela nentombazane ababethandana nayo kudala. Uma ngimbuza uyaphika angazi ukuthi ngenzenjani.
IMPENDULO: Ngifisa ukwazi ukuthi wena uthole kanjani ukuthi uyakujolela umyeni wakho njengoba uthi yena uyaphika?
Kungenzeka yini ukuthi ubabambe oqotsheni noma uzwe ngabanye abantu?
Angifuni ukungena kakhulu odabeni lokuthi uyajola njengoba naye ephika kodwa ngifuna nje ukwexwayisa ngomkhuba iningi labantu elijwayele ukuwenza.
Ungaboba ngunogada ohambe epopola lapho kuhamba khona isithandwa sakho futhi ungabovumela abantu abathanda izindaba zabantu bangene ezindabeni zakho zothando ungabamemanga.
Kunezinto emhlabeni ezilungile nje uma zenzeka esithe singaziboni ngoba uma sike sazipopola sazithola siyoshaqeka bese sephuka umoya, impilo ijike ibe muncu.
Kufana nokuntshontsha umakhalekhukhwini womunye umuntu