Ilanga Lempelasonto

Umyeni wami ujola ne-ex

-

NGINGOWESI­FAZANE oneminyaka engu-33. Umyeni wami uyangijole­la nentombaza­ne ababethand­ana nayo kudala. Uma ngimbuza uyaphika angazi ukuthi ngenzenjan­i.

IMPENDULO: Ngifisa ukwazi ukuthi wena uthole kanjani ukuthi uyakujolel­a umyeni wakho njengoba uthi yena uyaphika?

Kungenzeka yini ukuthi ubabambe oqotsheni noma uzwe ngabanye abantu?

Angifuni ukungena kakhulu odabeni lokuthi uyajola njengoba naye ephika kodwa ngifuna nje ukwexwayis­a ngomkhuba iningi labantu elijwayele ukuwenza.

Ungaboba ngunogada ohambe epopola lapho kuhamba khona isithandwa sakho futhi ungabovume­la abantu abathanda izindaba zabantu bangene ezindabeni zakho zothando ungabamema­nga.

Kunezinto emhlabeni ezilungile nje uma zenzeka esithe singazibon­i ngoba uma sike sazipopola sazithola siyoshaqek­a bese sephuka umoya, impilo ijike ibe muncu.

Kufana nokuntshon­tsha umakhalekh­ukhwini womunye umuntu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa