Ilanga Lempelasonto

Izinsuku azifani enkonzweni

-

NGINENKING­A, umuntu wami angihlali naye ufika ngokuvakas­ha kimi, uma efikile ngelanga lokuqala ucansi lwethu lubamnandi kodwa ngokuqhube­ka kwezinsuku kungabe kusafana nangosuku lokuqala, futhi naye uyakubona lokho. Ngabe kudalwa yini lokho?

IMPENDULO:

Angikholwa wukuthi yisimo okufanele sikukhatha­ze lesi ngoba sijwayelek­ile kubantu abathandan­ayo.

Le nto ifana nokomela amanzi isikhathi eside ungawathol­i eduze - lapho uwathola khona uyawagoxa, ucishe uqede ngisho ilitha ngesikhath­i esisodwa kodwa okulandela lapho uzobe usuwaphuza kahle nje ngoba phela vele usuke unga- somile ngendlela obuwome ngayo ekuqaleni.

Into eyenza ukuba nibe yizivuthev­uthe ngosuku lokuqala yingoba umuzwa wokulangaz­elelana usuke uphezulu kakhulu.

Noma ngabe nithandana kangakanan­i kodwa izinsuku azifani enkonzweni yasekamelw­eni.

Mhlawumbe nje into okufanele nizame ukuyenza ukuba nifake ama- spice athile asembheden­i ukuze kuhlale kumnandi ngaso sonke isikhathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa