Izinsuku azifani enkonzweni
NGINENKINGA, umuntu wami angihlali naye ufika ngokuvakasha kimi, uma efikile ngelanga lokuqala ucansi lwethu lubamnandi kodwa ngokuqhubeka kwezinsuku kungabe kusafana nangosuku lokuqala, futhi naye uyakubona lokho. Ngabe kudalwa yini lokho?
IMPENDULO:
Angikholwa wukuthi yisimo okufanele sikukhathaze lesi ngoba sijwayelekile kubantu abathandanayo.
Le nto ifana nokomela amanzi isikhathi eside ungawatholi eduze - lapho uwathola khona uyawagoxa, ucishe uqede ngisho ilitha ngesikhathi esisodwa kodwa okulandela lapho uzobe usuwaphuza kahle nje ngoba phela vele usuke unga- somile ngendlela obuwome ngayo ekuqaleni.
Into eyenza ukuba nibe yizivuthevuthe ngosuku lokuqala yingoba umuzwa wokulangazelelana usuke uphezulu kakhulu.
Noma ngabe nithandana kangakanani kodwa izinsuku azifani enkonzweni yasekamelweni.
Mhlawumbe nje into okufanele nizame ukuyenza ukuba nifake ama- spice athile asembhedeni ukuze kuhlale kumnandi ngaso sonke isikhathi.