Ilanga Lempelasonto

Uyangidida lo bhuti

-

NGINGOWESI­FAZANE, ngithandan­a nobhuti ongididayo. Uma engikhumbu­le uvele eze kimi endlini kodwa mina mangithi ngimkhumbu­le athi kumele ngizwe ngaye.

IMPENDULO: Mtakamama, angiboni nencane nje into edidayo kule ndaba yenu nalo mlisa. Musa nje ukuvumela ingqondo yakho ididwe yizinto ezisobala.

Yebo angimazi lo muntu wakho kodwa uma ngibheka nje, ngibona sengathi ubhekene neqili elizidlale­la ngawe.

Kulo mlisa ngikubona ufana nale nto edliwa yizingane okuthiwa yisqeda, eziyiphuza kuphela mhla kushisa ilanga, zomile, kuthi lapho zingomile zikhohlwe yiyona.

Akekho umuntu okuthi nithandana akutshele ukuthi kufanele ulinde yena makuvuma inhliziyo yakhe.

Musa nje ukuhlalela umsangano, ungavumi omunye umuntu akwenze ibhola. Ungalokoth­i nje umoshe isikhathi sakho uhlalele umbhedo. Kodwa-ke konke kulele kuwe, nguwena ozothatha isinqumo. Mina ngokwami, lo muntu uzidlalela ngawe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa