KUWUMSEBENZI ONZIMA UKUBA NGUMZALI OQOTHO EZINGANENI

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

INSTANT FAMILY UMQONDISI: Sean Anders ABADLALI ABAPHAMBILI: Mark Wahlberg (Pete Wagner), Rose Byrne (Ellie Wagner), Isabela Moner (Lizzy Wagner), Margo Martindale (Sandy Wagner), Julie Hagerty (Jan-ellies Mother), Tig Notaro (Sharon), Octavia Spence (Karen) UHLOBO: Comedy Drama IMINYAKA: ALL UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

KAKUWONA umdlalo ukuba ngumzali, ikakhulukazi ezinganeni ongazizali.

Upete no-ellie bangabashadikazi abangakabi nabo abantwana nabafikelwa wumqondo wokufukamela izingane ezingenabani bengahlosile ukuba kugcine sekungezabo.

Banomzwangedwa njengoba bengenazo ezabo. Emuva kokuhambela amakilasi abaqeqeshwa kuwona ngokuba ngabazali bezingane abangazizali, bagcina bethola izelamani ezintathu ezasala kunina osejele odla nezidakamizwa.

Okunzima wukuthi endala kulezi zingane, ulizzy, isisesigabeni sokuhlupha kwamantombazane sobu- teenager bese yelanywa ngujuan ongumfanyana “onoqhwi” ekhanda nolita intombazanyana encane kodwa enoshiki.

Inzima impilo bezama ukukhombisa kubangani babo nakuma- social worker ukuthi bakulungele ukuba ngabazali kulezi zingane. Ugogo wazo, usandy, ozala upete, ngeke angakuchazi.

Izinto zonakala emuva kokuphuma kukanina ozizalayo ejele ucarla, njengoba indodakazi yakhe endala ifuna babuyelane.

Kuneziwombe ezizokuhlekisa njengesokushaya kwabo umfana osebenza esikoleni, ujacob, ngoba bethole ulizzy esendelana naye izithombe benqunu, baze bayovalelwa ejele. Ezinye iziwombe zizokufikisela ngomunyu sekucaca ukuthi kumele bahlukane nalezi zingane kodwa uzothobeka inhliziyo uma kucaca ekugcineni ukuthi unina ozizalayo akakulungele ukuhlala nazo ngakho-ke zigcina ziba ngezalo mndeni wakwawagner ngokusemthethweni.

Ingena ngolwesihlanu lo mhlaka-7 ema- cinema. [email protected]

ASEQALILE ukungahlali isikhathi eside amafilimu kwi- top 10 njengoba sekuqale amaholide ezikole, esebukwa kakhulu ngazo zonke izikhathi.

Ngempelasonto edlule yomhla- ka-23 kuya ku-25 kulwezi (November) IVENOM ibizihola phambili ngokufaka imali (R23 153 931) kanti IFANTASTIC BEASTS: THE CRIMES OF GRINDELWALD ibizihola phambili ngokubukwa.

Nalu uhlu olwahamba phambili:

1- FANTASTIC BEASTS: THE CRIMES OF GRINDELWALD 2- FRANK AND FEARLESS 3- HUNTER KILLER 4- NOBODY’S FOOL 5- NUTCRACKER & THE FOUR REALMS

6- NIGHT SCHOOL

7- A STAR IS BORN 8- WIDOWS

9- VENOM

10- SMALLFOOT

ISITHOMBE: HOLLYWOOD REPORTER

YINKINGA yomndeni lo wakwawagner.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.