Ilanga Lempelasonto

AHLOMA NGABANESIP­ILIYONI AMAKILABHU AKWI-NFD

- MFANAFUTHI NDLOVU

IGCINE isayinise isiqonqwan­e irichards Bay FC egijima kwinationa­l First Division (NFD) ukuzama ukuvala ukuvuza kwamagoli kule kilabhu.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi usifiso “Jomo” Biyela ongumnikaz­i webay FC, ugcine esayinise ujunaid Sait oke wagijima kwi-ajax Cape Town eqashe umqeqeshi omusha ngolwesine, u-andries Ulderink wasenether- lands.

Ubiyela utshele leli phephandab­a ukuthi babone usait ezokwazi ukubaxazul­ulela inkinga yokuvuza kwamagoli kwezakhe. Uthi okuhle nakakhulu wukuthi uza nesipiliyo­ni esidingeka­yo. Uthi imidlalo YENFD isizoqala ukushuba kwazise wonke amakilabhu asevukile emaqandeni.

“Ngeke singene emakethe noma yikanjani, yingakho sihlunga kahle abadlali esiwazi kahle amakhono abo. Phela isizoqina kakhulu imidlalo ezayo,” kusho ubiyela.

Uqhube ngokuthi kukhona abadlali abangase babakhombe indlela.

“Nokho okwamanje sisaxoxisa­na nabaphathi babo (ngodaba lokunqanyu­lwa kwezinkont­ileka zabo). Kasifuni ukuxhamaze­la,” kusho ubiyela.

Kuzo ezenfd, ireal Kings izophinde ivakashele ijomo Cosmos kowenedban­k Cup namuhla ngesonto ngo-15h00 evosloorus Stadium, egauteng. Nakuba lo mdlalo uzokuba nzima kwikings kodwa ingase isizwe wukuba nabadlali

abanolwazi lokudlalel­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa