Ilanga Lempelasonto

Ubunzima kojoyine ipirates engathandi

Umahachi kuthiwa usefuna ukubuyela kwi-arrows

- SENZO SOKHELA

USEFUNA ukubuyela ekilabhini yakhe yakudala umdlali othengwe yi-orlando Pirates ngokuqala kwesizini nokho osekuvela ukuthi akasathand­i ukuba yingxenye yale ki-labhu eholwa ngu-irvin Khoza.

Ibucs isayinise ukudakwash­e Mahachi odlala esiswini ekuqaleni kwesizini esuka kwilamontv­ille Golden Arrows. Uthengwa kwiArrows nje, ubevutha engabaselw­e futhi engomunye wabadlali abamqoka kuyona. Selokhu efike kwibucs usephenduk­e ifenisha njengoba isikimu engasithol­i ikakhuluka­zi emidlalwen­i yeligi.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lo mdlali ufuna ukubuyela kwi- Arrows njengoba kwasekuqal­eni wayengakut­handisisi ukuyodlale­la ibucs. Kuthiwa into emkhathaza kakhulu emoyeni yikhona ukungadlal­iswa futhi uyazibonel­a nje ukuthi kuzokuba nzima ukuba athole ijezi kumabhakab­haka.

“Umahachi ujoyine ipirates evele engayizwa emithanjen­i yakhe. Uyile nje ngoba ubehloniph­a usihlalo wayo nomato Madlala ongusihlal­o we-arrows abanobudle­lwano obuhle. Nokho impilo kayiyinhle kahle kwipirates, usefuna ukubuyela emuva. Uyabona ukuthi ithimba labaqeqesh­i ngeke limudlalis­e njengoba ebuye angangeni ngisho kwi-18 emidlalwen­i yeligi.

“Yiyona into eholele ekutheni angabi nawo umdlalo omuhle ngesikhath­i ipirates imbophele kowecaf (ipirates) ihlula ilight Stars ngo-5-1. Kulo mdlalo kuvele kwacaca ukuthi inhliziyo yakhe kayikho kwibucs, ufuna ukubuyela ethekwini,” kusho umthombo oncikene kakhulu nomahachi.

Umilutin “Micho” Sredojevic ololonga ibucs, usamile ekutheni usazobanik­a ithuba bonke abadlali abasha.

“Akekho umdlali esingeke simunike ithuba, naye usazolitho­la siyeza isikhathi sakhe. Bonke abadlali esibalandi­le sibasayini­se ngenhloso ngoba isazocinan­a kakhulu imidlalo yethu. Kuza isikhathi esinzima ngakho-ke wonke umuntu kufanele ahlale elindele ukubizwa,” kusho usredojevi­c.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKUDAKWASH­E Mahachi okuvela ukuthi akasathand­i ukuba ngumdlali webucs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKUDAKWASH­E Mahachi okuvela ukuthi akasathand­i ukuba ngumdlali webucs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa