Kulimale amakholwa kusuka isiphithiphithi

Abebangisana ngokungena esontweni sekuduma izulu

Ilanga langeSonto - - Izindaba - NEWS24

KUSUKE uthuli lwezichwe kwalimala abantu esigamekweni esenzeke esontweni lomunye wabefundisi bezimanga, uprophet Shepherd Bushiri, epretoria.

Kubikwa ukuthi abathathu kulabo abalimele baqulekile. Lesi siphithiphithi senzeke ngolwesihlanu kusihlwa esontweni lalo mfundisi elibizwa ngokuthi yi-enlightened Christian Gathering, epretoria West.

Izolo ngomgqibelo ummeli kaprophet Bushiri, uterrance Baloyi, wenkampani yabameli ibaloyi Ntsako Attorneys, ukuqinisekisile ukuthi lesi sigameko senzekile emagcekeni esonto.

Uthi isidumo sisuke ngesikhathi kuhlasela ukuduma kwezulu obekungalindelekile. Ngokusho kwakhe, abantu abebeze enkonzweni bafikelwe yilesi simo bengazihlinzekile ngezambulela, base begijima beyongena ngaphakathi endlini yesonto, kwasuka isibhudubhudu.

Lo mfundisi odabuka emalawi, ungomunye wabefundisi bezimanga abadumile kuleli.

Waziwa kakhulu ngokuphila impilo ewubukhazikhazi kanti uke waba sematheni ngesikhathi kuvela imibiko yokuthi njalo ngenyanga uthumela kwelakubo imali engu-r15 million.

Lokho kugcine kumdonsela amanzi ngomsele njengoba egcine esephenywa ngama-hawks ngezinsolo zokushushumbisa imali ( money laundering).

UPROPHET Shepherd Bushiri we-enlightened Christian Gathering, epretoria West okusuke isibhudubhudu ebandleni lakhe kwalimala abantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.