EZIMNANDI ZOKWEHLA KWENTENGO KAPHETHILOLI

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

SIBATHINTE emanonini abashayeli bezimoto isimemezelo sakamuva sokwehliswa kwentengo kaphethiloli.

Lesi simemezelo sizobafaka kahle onyakeni omusha abanezimoto kwazise umthwalo umi ngenhla ngenxa yentengo yawo ephezulu.

Ngolwesihlanu umnyango wezamandla umemezele ukwehla kwentengo kaphethiloli nodizili.

Ukwenza kangcono kwerandi phakathi kukalwezi (November) nozibandlela (December) yikhona okubikwa ukuthi kube nomthelela ekutheni intengo kaphethiloli nodizili yehle, ngokusho kwalo mnyango.

Okunye futhi okube nomthelela wukwehla kwente- ngo yomphongolo kawoyela ongahluziwe.

Kusukela ngomhla ka-2 kumasingana (January) intengo kaphethiloli (93 ULP & LRP) izokwehla ngo-r1.22 elitheni, kuthi ekaphethiloli u-95 ULP & LRP yehle ngoR1.23 elitheni.

Ekadizili (0.05% sulphur) izokwehla ngo-r1.53 elitheni, kuthi ekadizili (0.005% sulphur) yehle ngo-r1.55 elitheni.

Kuzokhumbuleka ukuthi baningi abakhalile ngemuva kokuthatha izintambo kukaMnu Cyril Ramaphosa kwesobumengameli okulandelwe wukwenyuka kwentengo kaphethiloli iziqubu eziningana zilandelana, kuze kwahlelwa namamashi ezweni abantu befuna ukuba kwehliswe intengo.

[email protected]

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.