UZOVEZA OKUSHA KWEZOBUCIKO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

USOMAHLAYA wodumo, umjostan Mbhele, odume ngelikapastor Mjosty, uthi uzoveza olunye uhlangothi ngobuciko bakhe emdlalweni omusha kumabonakude obizwa ngokuthi ehostela.

Lo mdlalo kulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa ngomhla ka-6 kumasingana (January) esiteshini esizimele, imzansi Magic Channel 161.

Lo somahlaya uthi usekulangazelele ukuba abantu baqale bawubone lo mdlalo ozokhonjiswa iziqephu ezingu-13.

“Abantu bangazi njengosomahlaya kanti nezindawo ebe- ngizilingisa kweminye imidlalo beziba namahlaya.

“Kulo mdlalo alikho nelilodwa ihlaya, kushubile kakhulu. Ngizobe ngiqala ukulingisa indawo yomuntu ongahlekisi selokhu ngaqala kulo mkhakha,” kusho umjosty ozobe elingisa indawo ka-2 Litre.

Lo somahlaya waziwa nangamafilimu akhe amanye abekho- njiswa kumzansi Magic abizwa ngekwaito Church Service.

Umdlalo ehostela ubophele abanye abalingisi abanohlonze okubalwa kubo uthobani Myeza, Bheki Sibiya, Lungelo Mpangase, Wiseman Mncube, Zola Nombona, Martin Ziqubu noThokozani “Lvovo Derrango” Ndlovu.

[email protected]

Kulo mdlalo kalikho nelilodwa ihlaya, kushubile kakhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.