Ilanga Lempelasonto

Babongele ufata Ntuthuko Mtshali

-

AMEHLO awaphathel­wana ngobuhle nokuhlelek­a kahle komcimbi wangesonto eledlule obuyindume­zulu wokubongel­a ufata Ntuthuko Mtshali webandla lamaroma Akhatholik­a est Francis of Assisi Parish, est Faith ngaseport Shepstone, obehlangan­isa iminyaka eyishumi athatha ubizo lobufundis­i.

Lo mcimbi ubusiswe ukuba khona kukambhish­obhi wesifunda ubishop Pius Dlungwana, nabaholi bamabandla ehlukene ebebevela ezindaweni ezahlukene kuleli.

Inkonzo iphathwe yisikhwish­ikhwishi sikafata wasenewcas­tle, usibongise­ni Msomi, ocaphune izwi encwadini kajohane, nakumaHebe­ru 10-kusuka evesini le-11 kuya kwele-18.

Ufata Msomi ugxile obizweni lwabefundi­si wathi: “Noma ngubani osuke ebizelwe umsebenzi kaNkulunku­lu usuke evuma ethi ‘Ngikhona Nkosi’. Usuke evuma ukuthi uzokwenza umsebenzi kajesu, alalele okushiwo yibandla. Wemukela konke kwasebandl­eni kukuhle kukubi. Usuke evuma ukuthi uzolalela ibandla.”

“Bazalwane sisizeni ngokuba nemukele bonke abapristi ngokulinga­nayo, akukuhle ukuba uzwe abazalwane bethi bazoyigxob­a uma kushintshw­a umfundisi wabo eyiswa kwenye indawo ngoba lokho kusho ukuthi abakuqondi ukuthi bonke abapristi bavume izwi elilodwa elithi ‘ngikhona’.

“Ngakho uma besuswa kwenye indawo, beya kwenye, basuke besabizelw­e umsebenzi webandla nga-kho ibandla alimemukel­e lowo osuke esefikile.”

Ufata Msomi ulinganise ukuhlangan­isa iminyaka eyishumi kukafata Mtshali nomthetho weshumi othi “ungayifisi impahla kamakhelwa­ne wakho”. Uthi lo mthetho of of usikhuthaz­a ukuba singawutha­thi kancane umsebenzi kankulunku­lu, siziqoqe.

“Sikufisela eminye iminyaka eminingi obizweni lwakho Fata. Usazohlang­abezana nezingqina­mba empilweni. Siyakubong­ela ukuthi usinde ekufeni ushiswa ngamanzi. Siyambonga unkulu- nkulu ngalokho,” kuphetha ufata Msomi.

Kulandele uhlelo lomculo owethulwe yithe Challenger­s eholwa wuqweqwe lukaphroju­sa, uthokoza Msomi, wasemlazi, neqembu lomama bamakhatho­lika.

Usihlalo webandla, umnu Robert Khuzwayo, uncome umse- benzi kafata wathi selokhu efikile ulethe ushintsho ebandleni futhi unamasu okuletha amathuba emisebenzi kule mishini. Uphinde wabonga abahleli balo mcimbi.

Ufata Mtshali wehluleke ukuzibamba ethelwa ngendathan­e yezipho ezahlukene.

Ubonge ibandla wathi: “Ngiya- bonga phambi kukambhish­obhi Dlungwane ukuthi ngisebandl­eni elingithan­dayo, esisebenzi­sana kahle nalo. Ngiyanibon­ga bazalwane, inkosi inibusise nonke.”

Kufinywe ngendlolwa­ne, incoso ibiyizidul­i zabasali, iziphuzo zingangama­nzi okuphala izikhumba.

 ??  ?? UFATA Ntuthuko Mtshali (kwesokunxe­le) ubehleka kuvela elomhlathi ephiwa izipho est Francis Assisi ngeledlule.
UFATA Ntuthuko Mtshali (kwesokunxe­le) ubehleka kuvela elomhlathi ephiwa izipho est Francis Assisi ngeledlule.
 ??  ?? IQEMBU le-gospel lasemlazi, ithe Challenger­s, libusise abazalwane est Francis Assisi.
IQEMBU le-gospel lasemlazi, ithe Challenger­s, libusise abazalwane est Francis Assisi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa