Ufihlwe ngesizotha uselby

Uphuzekhemisi uzobhekana nelokubulala

Ilanga langeSonto - - Izindaba - JOHN HLONGWA

UBEKIWE endlini yakhe yokugcina umorning Selby Shezi oshone ngesonto eledlule esibhedlela ngemuva kokudubuleka esigamekweni esithinta umculi kamasikandi, uphuzekhemisi “Mfokamajazana” Mnyandu.

Enkonzweni yomngcwabo wakhe ebisehholo lomphakathi elovu, kwa-c, umunyu ubudla lubi. Uselby uchazwe njengomuntu obenothando kakhulu.

Umculi we- gospel, u-andile kamajola, obekhulumela ikwazulu Natal Creative Industry Forum, okuyinhlangano yabaculi, uthe bengamaciko balahlekelwe kakhulu, wadlulisa amazwi enduduzo emndenini nasezihlotsheni.

Ududuze umndeni ngokuthi awulahlekelwe wodwa njengoba umufi ebeduduza izinhliziyo zabantu abaningi ngomsebenzi wakhe wokushaya ama- drum eqenjini likaphuzekhemisi.

Usibusiso Shezi, ongumfowabo kaselby, ubonge kubo bonke ebebehambele inkonzo yomngcwabo kamfowabo, wadlulisa ukuxolisa ngokuthi abantu ngeke basibone isidumbu sakhe njengoba kwakuyisifiso sakhe leso esaphila.

Umufi ufihlwe emathuneni asemgababa.

Uphuzekhemisi kulindeke aphinde avele enkantolo ngomhlaka 15 kwephezulu.

Kulindekele ukuba njengoba ebebekwe icala lokuzama ukubulala lishintshe mhla esebuyela enkantolo kube ngelokubulala. Njengamanje ungaphandle ngebheyili ka-r3000.

ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

BEKUWUMUNYU wodwa enkonzweni yomngcwabo kamorning Selby Shezi obefihlwa izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.