Usjava uzishayela into yakhe yedwa

Ilanga langeSonto - - Izindaba - SANDILE MAKHOBA

UTHI akancintisani namuntu emculweni umculi we- hip hop oshisa izikhotha, ujabulani “Sjava” Hadebe. Uthi umculo wakhe akawuboni ushona phansi uma abantu besawuthanda ngoba yonke ingoma ayibhalayo ayifani nenye futhi usuke engabhaleli ukuhlula umuntu othize.

“Ngingumbhali womculo, into engiyibhalayo isuke isuka ngaphakathi, angibhali ngoba kukhona ingoma engiyizwile noma ngifuna ukudlula enye yami,” kusho usjava.

Lokhu ukusho enkulumeni yakhe ekhethekile NELANGA Langesonto ngemuva kokuphuma kwe- album yakhe esihloko sithi “Umqhele”.

Le album kasjava iphume ekupheleni konyaka owedlule lapho amaciko amaningi ahlukene abese mjahweni wokuhlukanisa unyaka. Usjava yena uthi ukhipha noma ngabe yinini. Uphinde wagxeka kakhulu labo abathi uyabalisa kakhulu ezingomeni zakhe.

“Abantu bakhuluma noma ngabe yini abayithandayo, njengo- ba bethi nginezingoma ezibalisa ngothando nje. Ziningi izingoma abazithandayo ezingabalisi kodwa bakhetha lezi ezizobenza bakhulume,” esho.

Uqhube wathi wonke umculo awubhalayo ukhuluma ngezinto ezahlukene.

“Izingoma engizibhalayo azikhulumi ngempilo yami kodwa zichaza ngezinto ezenzeka emhlabeni jikelele,” esho.

Phakathi kwezingoma azibalile wathi zisho okuhlukile ubale ethi umama, Amafu, ubaba, Kulo mhlaba nethi Hlasela. Uthi zonke lezi zingoma azikhulumi neze ngothando futhi azibalisi.

Usakhipha ngaphansi kwenkampani i-ambitiouz Entertainment, okuyinkampani eyaveza ithalente lakhe.

Phambilini kuke kwasabalala amahlebezi okuthi usjava uyayishiya le nkampani.

Ebuzwa ngala mahlebezi, uwachithile wathi usengaphansi kwayo le nkampani.

Angibhali ngoba kukhona ingoma engiyizwile noma ngifuna ukudlula enye yami.

ISITHOMBE NGABE: AMBITIOUZ

USJAVA utshengisa ukuzethemba okukhulu ngomculo wakhe njengoba ethi akaqhudelani namuntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.