USOMATEKISI UDUTSHULWE WASHONA NGASERENKI

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

SIBE sikhulu isililo ezinkundleni ezahlukene kuvela izindaba zokudlula emhlabeni kukamnu Patrick Mthembu, ongusomabhizinisi obedume ngelikathathe futhi obebuye aziwe ngelikaGenuine.

Uthathe ushone ngokukhulu ukuzuma edutshulwa ngolwesithathu eqeda ukugunda ngaserenki yamatekisi aya ehammarsdale, edolobheni ethekwini, lapho ebebuye asebenzele khona njengoba ubenamatekisi.

Umnu Wilson Nzimande ongumfowabo, uthi batshelwe ukuthi uqedelwe kuyo le ndawo abegunda kuyo njengoba naye ebengasaziqinisi ezokuphepha ngoba sekunozinzo ebhizinisini.

Uthi uzofihlwa emathuneni asemophela khona ehammarsdale mhla ka-13, kanti ushiye inkosikazi nezingane. Baningi asebenze nabo ebhizinisini lomculo njengoba ebenendawo yokuqopha, walekelela nenqwaba yabasakazi abebesafufusa njengoba ebesebenzisana nezinye iziteshi phambilini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.