UBALOTELLI ANGASE ASHAYE IBUYA E-ENGLAND

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

ANGASE ashaye ibuya e-england umdlali wase-italy oshiye kuleliya lizwe engasafunwa muntu ngenxa yokwedelela.

Umario Balotelli oke wadlala kwimanchester City yase-england nakwiliverpool, kuvela ukuthi angase asayine kwinewcastle United yakulona leliya lizwe. Lo mdlali kumanje usemabhukwini enice yasefrance. Kubikwa ukuthi umisiwe kule kilabhu ngenxa yokungaziphathi kahle.

Kuthiwa ushaya isiteleka ukuze akhululwe kwinkontileka yakhe kwazise ufuna ukuya e-england.

Upatrick Vieira ololonga inice, ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali usamisiwe ukujima nezakhe.

“Nginqume ukumnika izinsukwana ukuze ahluze kahle umqondo wakhe ngoba ngiyabona ukuthi uhlakazekile.

"Usanenkontileka nathi kodwa ufuna ukuzenzela umathanda. Kodwa-ke kangifuni ukusho izinto eziningi ngalo mdlali ngoba ngizosuke ngimonele kungcono ngithule.

"Uma efuna ukuhamba makenze izinto ngendlela efanele sizomkhulu- la,” kusho uvieira.

Imidlalo yespanish La Liga enamuhla ngesonto imi kanjena:

Eibar vs Villarreal 13h00. Sevilla vs Atletico Madrid 17h15. Real Madrid vs Real Sociedad 19h30.

Getafe vs Barcelona 21h45

KUSASA NGOMSOMBULUKO

Celta de Vigo vs Athletic Bilbao 22h00.

UMDLALI wase-italy, umario Balotelli okubhekwe ukuthi ashaye ibuya e-england.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.