Ilanga Lempelasonto

Kumiswe izinkonzo ebandleni lodumo

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

ZIMISIWE izinkonzo ebandleni lomfundisi wodumo, upastor Shepherd Bhushiri, epretoria, njengoba kuqhubeka uphenyo ngesigamek­o sakamuva esiphinde samfakela amehlo lo mfundisi ovele esematheni ngezigigab­a ezingezinh­le.

Ukumiswa kwezinkonz­o kuleli bandla elibizwa nge-enlightene­d Christian Gathering (ECG), elikhonzel­a etshwane Events Centre, epretoria, kumenyezel­we yibona abaholi balo.

Ngenyanga edlule kuleli bandla kushone abesifazan­e abathathu ngemuva kwesibhudu­bhudu okubikwa ukuthi sisuke ngesikhath­i abantu bebalekela imvula enamandla nokuduma kwezulu, bethi bayongena ngaphakath­i endlini yesonto. Ngaphandle kwalaba abashona, kwaphinde kwalimala nenqwaba yabanye abantu.

Leli bandla lithe limise izinkonzo ukuze lizilele labo abashona, lathi izinkonzo ziyoze ziqale ngasekuphe­leni kwale nyanga.

I-city of Tshwane inikeze leli bandla izinsuku ezingu-30 ukuba lilungise izinto ezithile ezimayelan­a nezokuphep­ha okutholaka­le ukuthi kazikho esimeni esifanele futhi kazihambel­ani nemithetho ebekiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa