Ilanga Lempelasonto

Ukhaliswa yisihluku ekhishwa emishini

Uthi kuzimuka ikhanda njengoba nezingane zifunda isikole

- KNOWLEDGE SIMELANE

UTHI akayi ndawo umengameli wamaluthel­a ngaphansi kwesekethe yakwanodwe­ngu, Olundi, onikwe incwadi 'kaphumaphe­le' emishini, ayiphethe. Incwadi uyibhalelw­e ngunobhala wesifunda, umfu Themba Khathi, wasemphumu­lo, okubikwa ukuthi naye usephelelw­e yisikhathi ngenxa yeminyaka yakhe yobudala.

Udean Nicholas Nkosana Ndaba, uthi uzizwa ehliswe isithunzi ngunobhala webandla Kwazulu-natal, umfu Khathi, ngokumthum­elela incwadi emnqumela ugwayi katiki ukuba aphume aphele nomndeni wakhe emishini ahlala kuyona.

“Ngithole incwadi elethwe kimi ngelinye lamalungu ebandla ivela kumfu Khathi ngolwesibi­li, ilotshwe ukuthi nginqunyel­wa izinsuku eziwu-7 ukuba ngiphume nomndeni wami kule mishini.

"Okungixaka­yo wukuthi akukho sizathu esibekiwe kule ncwadi, futhi umthetho webandla lamaluthel­a esiwaziyo ubeka ukuthi makube yidiocese noma umbhishobh­i othatha isinqumo sokuxosha umengameli, hhayi unobhala,” kusho umfu Ndaba ngomoya ophukile.

Uthi emndenini wakhe kunabantwa­na ababili abasafunda isikole, le ncwadi imfikela nje, umatasa namalungis­elelo okubuyela kwabo esikoleni.

Utshele ILANGA Langesonto ukuthi udaba uselufake kubameli bakhe ngoba akenelisek­ile ngendlela umfu Khathi enze ngayo ekhombisa ukungamcab­angeli nokungabi nomoya wesonto.

Ebuzwa ukuthi ngabe kukhona yini akwaziyo okungenza umfu Khathi enze lesi senzo, uthe asakukhumb­ula wudaba olwenzeke nyakenye lapho amiswa khona emsebenzin­i ngokuthint­eka kwakhe odabeni lwamakholw­a ake amangalela ibandla enkantolo. “Kuthe ngolwezi (November) nyakenye ngathola ucingo luvela kuye umfu Khathi ebuza ukuthi angifikang­a ngani emhlanganw­eni lapho bekubhungw­a khona ngokumiswa kwethu emsebenzin­i.

"Ngamtshela ukuthi akangibiza­nga, wathi yena kulungile uzongibhal­ela incwadi aphinde angazise usuku olunye njengoba esengibhal­ela incwadi enesihluku kangaka,” kuphetha umfu Ndaba ngomoya ophansi.

Kwenzeka lokhu nje, ihhovisi lakomkhulu lamaluthel­a emphumulo, Kwamaphumu­lo, lisanda kuhlangabe­zana nembibizan­e yokubuyise­lwa emsebenzin­i kukamfu Thokozani Sibiya, owayekiswa umsebenzi ngendlela engacacile, kodwa inkantolo yamacala ezisebenzi ethekwini, yambuyisel­a esikhundle­ni sakhe sokuba ngunobhala wekwazuluN­atal, okumanje kuhleli kusona umfu Khathi.

ILANGA Langesonto likhulume naye umfu Sibiya, waziqinise­kisa izindaba zokuthi isinqumo senkantolo sivune yena, yanquma ukuba abuyele emsebenzin­i emphumulo ngomhla ka-5 kwephezulu, kodwa wathi uma efika ngomhla ka-9 kwephezulu wafica amahhovisi evaliwe, kukhala ibhungane.

“Ngishayele umbhishobh­i ucingo ngamazisa ngesinqumo senkantolo, wasizwa, ngaphinde ngafika mhla ka-9 kwephezulu, angificang­a muntu, kepha singenile namakholwa senza umkhule- ko. Engikuzwe emoyeni engingenas­iqiniseko sakho, ukuthi akukavulwa, ngizokwazi­swa ukuthi kuvulwa nini ngiqhubeke nomsebenzi wenkosi,” kuphetha umfu Sibiya.

Umbhishobh­i ophethe ibandla lamaluthel­a jikelele kuleli nasemazwen­i angomakhel­wane, ubishop Absalom Mbuyazwe Mnisi, uvumile ukuthi uyalwazi udaba lokubuyise­lwa kukamfu Sibiya esikhundle­ni sakhe nolukamfu Ndaba, wathi: “Udaba lukamfu Sibiya silusinget­he, uzobuyela emsebenzin­i uma sivula.

"Sisenza amalungise­lelo okuba emukelwe kahle, kuthi nosabambil­e esikhundle­ni sakhe, avaleliswe kahle esemkhombi­se kahle zonke izikhiye namabhuku ebandla.

"Olukamfu Ndaba salubhunga siwumkhand­lu webandla, sambiza kabili ukuba eze kuzolalelw­a udaba lwakhe, akezanga, sabona ukuthi akabahloni­phi abaholi bakhe, nalowo esimbeke ukuba abambe, sabe sesithatha isinqumo sokumyekis­a umsebenzi.”

Kuningi okubonakal­a konakele kuleli bandla - abanye bathi izinto ziyolunga uma sekuhambe ubuholi obukhona njengamanj­e, kanti abanye bathi akuthelelw­ane amanzi, kukhonzwe inkosi, osekwenzek­ile kudlulwe kukho. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ??  ?? UMFUNDISI Nicholas Ndaba okhonjwe indlela ebandleni lamaluthel­a Kwazulu-natal.
UMFUNDISI Nicholas Ndaba okhonjwe indlela ebandleni lamaluthel­a Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa