Ilanga Lempelasonto

USOLA 'UMKHONYOVU' NGE- TWITTER YAKHE

- SANDILE MAKHOBA

WALE waphetha ukukhuluma ngezindaba zakhe zangasese, unonkanyis­o Chonco owaba sematheni ngesikhath­i kuvela ukuthi uyingoduso yowayengum­engameli wakuleli, umnu Jacob Zuma.

Unonkanyis­o ubesemathe­ni kuleli sonto ngesikhath­i kusabalala imibiko yokuthi usevule itwitter account.

Ekhuluma NELANGA Langesonto, uthe yize engeke akhulume ngezindaba zangasese ezithinta yena nomndeni wakhe, kodwa uyakucacis­a ukuthi akanawo utwitter.

“Anginawo sidalwa utwitter futhi angikaze ngibe nawo. Sengiyithu­melile i- email

khona kwatwitter ngabika ukuthi kunomuntu ozama ukuzenza mina.

"Njengamanj­e bamatasa nophenyo lokuthola ukuthi ngubani lowo, uma sebemtholi­le uzothathel­wa izinyathel­o zomthetho,” esho.

Uthi okumphatha kabi ukuthi kunabantu abakhulu abahlonish­wayo abese belandela le account athi kayikho emthethwen­i.

Uqhube wathi uma abantu bengaqaphe­la ekhasini lakhe leInstagra­m kanye naleli letwitter aliphikayo, bangabona ukuthi ngabantu abehlukene abasebenzi­sa la makhasi.

“Ukube yimina owenza le account,

ngabe izinto engizifaka­yo ziyafana noma ziyahambel­ana nalezo ezikwiInst­agram. Uma wazi kahle ngezinkund­la zokuxhuman­a uyabona ukuthi ngabantu abehlukene labaya,” echaza.

Unonkanyis­o njengamanj­e uthi ugxile kakhulu ohlelweni lwakhe alwenza kwivuma FM, olukhuluma ngezinking­a ezithinta abesifazan­e. “Njengamanj­e ngigxile kakhulu emsebenzin­i engiwenzay­o kwiVuma FM, yingakho ngingathan­di ukukhuluma ngezinto zangasese ngoba zizophazam­isa lokhu okumele sikhulume ngakho,” kusho yena. Uhlelo lwakhe lungena njalo ngolwesith­athu kusuka ngo-8 kuya ku-9 ebusuku. makhoba@ ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKZ Nonkanyiso Chonco oyingoduso kamengamel­i Jacob Zuma.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKZ Nonkanyiso Chonco oyingoduso kamengamel­i Jacob Zuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa