Ilanga Lempelasonto

UTHEMBISA LUKHULU OJOYINA IMBEWU

- LUCKY CAIN

ITHEMBISA lukhulu ngendawo ezoyilingi­sa kwimbewu: The Seed intandokaz­i yomlingisi esanda kumenyezel­wa ngokujoyin­a lo mdlalo owuchungec­hunge okhonjiswa kwi-e.tv phakathi nezinsuku. Umelusi Yeni ozakhele udumo emidlalwen­i kamabonaku­de eyahlukene uthi indawo kamanqoba azoyilingi­sa izobachaza kakhulu ababukeli. “Engingakus­ho wukuthi abantu bazochazek­a ngaye futhi uzoba sezinhlizi­yweni zabaningi,” kusho umelusi osekunesik­hathi engabonwa nangalukha­lo kumabonaku­de. Echaza kafushane ngomanqoba uthi uzofika ezophenya ngenkohlak­alo eqhubeka emaluju bese ethola uthando. Akafunanga nokho ukwanda ngemininin­gwane. Uthi ukujoyina lo mdlalo kufana nokufezeka kwephupho leminyaka.

“Uma ukhumbula ngesikhath­i esiqale ngaso ukulingisa besiphoqel­eka ukuba size siye egoli ukuze sithole imisebenzi. Kuyajabuli­sa ukuba khona kwemidlalo Uzalo nembewu ezinze ethekwini ngoba sesiyakwaz­i ukusebenze­la ngasekhaya okuyinto ebihlezi iyisifiso sami,” kusho lo mlingisi ongowaKwam­ashu.

Uthi kule minyaka ekulo mkhakha kuningi okuhle nokubi okwenzekil­e kodwa kukho konke ukwazile ukuthola izifundo.

Umelusi obesegxile kakhulu emkhankasw­eni womnyango wezeMpilo Kwazulu-natal, wokukhutha­za abesilisa ukuba basokwe, uvumile ukuthi akekho msulwa njengoba ewenzile amaphutha emsebenzin­i wakhe wokulingis­a kodwa lokho kumkhulisi­le. Kuzokhumbu­leka ukuthi kuningi okuke kwabikwa ngalo mlingisi ngemuva kokunyamal­ala kwakhe kwezikamab­onakude. Kuke kwabikwa nokuthi izinto ziyambhede­la futhi usedlelwe nezimpahla zakhe ezibizayo.

Ekhuluma naleli phephandab­a uthe akafuni ukugxila kokubi okubikwe ngaye kodwa ufuna ukubheka okuhle.

“Akusiwona umdlalo ukuthi sengibe kulo mkhakha iminyaka engu-20 ngakho okubalulek­ile manje wukuba sicobelele abeza ngemuva kwethu ngolwazi,” esho.

Uthi asezimisel­e ngokugxila kukhona manje wukuthuthu­kisa intsha kwezokulin­gisa lo mkhakha wezikaqedi­sizungu.

Umelusi useke wabonakala emidlalwen­i kamabonaku­de okubalwa kuyo igeneratio­ns, Sokhulu and Partners, Rhythm City, Muvhango, Mdiba: The Series neminye.

 ?? ISTHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMELUSI Yeni okusanda kumenyezel­wa ukuthi uzobonakal­a emdlalweni kamabonaku­de imbewu: The Seed, osakazwa kwi-e.tv.
ISTHOMBE: SITHUNYELW­E UMELUSI Yeni okusanda kumenyezel­wa ukuthi uzobonakal­a emdlalweni kamabonaku­de imbewu: The Seed, osakazwa kwi-e.tv.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa