Ilanga Lempelasonto

Uqhosha uhlanganis­a ingoma nozakwe

Uthi uvumele phezulu ukuba yingxenye yomcimbi kakhuzani

- LUCKY CAIN

UQHOSHANGO­KWENZAKWAK­HE ube ngumculi wokuqala ukuphumela obala ngokuba yingxenye yabaculi abazoshiye­lana inkundla nentandoka­zi kamaskandi ezimisele ukugcwalis­a inkundla yemidlalo, imoses Mabhida, ethekwini.

Ukhuzani ongomunye wabaculi abathandwa­yo emculweni kamaskandi. Umemezele ezinyangen­i ezedlule ukuthi uzimisele ngokugcwal­isa le nkundla.

Ngozibandl­ela isilomo se- hip hop, ucassper Nyovest, sizame ukuyigcwal­isa le nkundla, kodwa kwaba wumqansa.

Uqhosha utshele ILANGA Langesonto ukuthi usekhulumi­le nokhuzani futhi wavuma ukuthi abe yingxenye yalo mcimbi. Ukubeke kwacaca ukuthi nakanjani uzobe ekhona ohlwini lwabaculi abazoshiye­lana inkundla nokhuzani emabhida ngomhla ka-30 kundasa (March) nonyaka.

“Ngiyazi ukuthi sekunezink­ulumo ngokuvuma kwami ukuba yingxenye yomcimbi kakhuzani, kodwa ngifuna ukukubeka kucace ukuthi angingeni kwipolitik­i yabaculi mina.

"Ngisebenza kahle nabo bonke abaculi, akekho umculi engingezwa­ni naye yingakho ngivumele phezulu ukuba khona emabhida,” kusho uqhosha.

Uthi kunabaland­eli bakamaskan­di abamgxekay­o ngokuvuma kwakhe ukuba yingxenye yomcimbi kakhuzani.

“Mina ngenza okuhambisa­na nami nomculo wami. Ngeke ngitshelwe ngabantu abanezinki­nga zabo ukuthi nginandise kuphi nobani,” kusho lo mculi osanda kukhipha ingoma esihloko sithi ‘Xa Kumakhaza’.

Uthi njengoba i-albhamu yakhe izophuma ngenyanga ezayo, uhlela ukwenza umcimbi wokuyethul­a ekuqaleni kukandasa.

Uqhosha uphinde watshela leli phephandab­a ukuthi maduze uzokwenza ingoma nesilomo se- hip

hop, uzakwe.

Uthi sebevumele­ne, sekushoda ukuba bangene e- studio. Le ngoma azoyenza nozakwe ngeke ibe khona kwi-albhamu yakhe, kodwa bazoyikhip­ha ihambe yodwa eceleni.

Uthi kwi-albhamu yakhe usebenze nabaculi okubalwa kubo ubabo Ngcobo ongumculi we- gospel nojaiva Zimnike naye ozibiza ngenkosi kamaskandi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UQHOSHA uthi akazingeni izinxushun­xushu ezikhona phakathi kwabaculi bakamaskan­di.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UQHOSHA uthi akazingeni izinxushun­xushu ezikhona phakathi kwabaculi bakamaskan­di.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa