Uqhosha uhlanganisa ingoma nozakwe
Uthi uvumele phezulu ukuba yingxenye yomcimbi kakhuzani
UQHOSHANGOKWENZAKWAKHE ube ngumculi wokuqala ukuphumela obala ngokuba yingxenye yabaculi abazoshiyelana inkundla nentandokazi kamaskandi ezimisele ukugcwalisa inkundla yemidlalo, imoses Mabhida, ethekwini.
Ukhuzani ongomunye wabaculi abathandwayo emculweni kamaskandi. Umemezele ezinyangeni ezedlule ukuthi uzimisele ngokugcwalisa le nkundla.
Ngozibandlela isilomo se- hip hop, ucassper Nyovest, sizame ukuyigcwalisa le nkundla, kodwa kwaba wumqansa.
Uqhosha utshele ILANGA Langesonto ukuthi usekhulumile nokhuzani futhi wavuma ukuthi abe yingxenye yalo mcimbi. Ukubeke kwacaca ukuthi nakanjani uzobe ekhona ohlwini lwabaculi abazoshiyelana inkundla nokhuzani emabhida ngomhla ka-30 kundasa (March) nonyaka.
“Ngiyazi ukuthi sekunezinkulumo ngokuvuma kwami ukuba yingxenye yomcimbi kakhuzani, kodwa ngifuna ukukubeka kucace ukuthi angingeni kwipolitiki yabaculi mina.
"Ngisebenza kahle nabo bonke abaculi, akekho umculi engingezwani naye yingakho ngivumele phezulu ukuba khona emabhida,” kusho uqhosha.
Uthi kunabalandeli bakamaskandi abamgxekayo ngokuvuma kwakhe ukuba yingxenye yomcimbi kakhuzani.
“Mina ngenza okuhambisana nami nomculo wami. Ngeke ngitshelwe ngabantu abanezinkinga zabo ukuthi nginandise kuphi nobani,” kusho lo mculi osanda kukhipha ingoma esihloko sithi ‘Xa Kumakhaza’.
Uthi njengoba i-albhamu yakhe izophuma ngenyanga ezayo, uhlela ukwenza umcimbi wokuyethula ekuqaleni kukandasa.
Uqhosha uphinde watshela leli phephandaba ukuthi maduze uzokwenza ingoma nesilomo se- hip
hop, uzakwe.
Uthi sebevumelene, sekushoda ukuba bangene e- studio. Le ngoma azoyenza nozakwe ngeke ibe khona kwi-albhamu yakhe, kodwa bazoyikhipha ihambe yodwa eceleni.
Uthi kwi-albhamu yakhe usebenze nabaculi okubalwa kubo ubabo Ngcobo ongumculi we- gospel nojaiva Zimnike naye ozibiza ngenkosi kamaskandi.