Ilanga Lempelasonto

Uzimisele ukuqopha umlando udr Tumi

- LUCKY CAIN

ISIHLABANI somculi wegospel, udr Tumi, sithi naso asifuni ukusala ngaphandle ekuqoshwen­i komlando wokugcwali­sa izinkundla njengoba sihlela ukugcwalis­a enye yezinkundl­a egauteng kulo nyaka.

Lesi sihlabani sinomlando emkhakheni we- gospel ngokugcwal­isa iticketpro Dome, egoli, elayisha abantu abangu20 000 ngo-2017 saphinde saqopha omunye ngokugcwal­isa ivoortrekk­er Monument, epretoria elayisha abangu-34 000.

Ekhuluma ngokukheth­ekile NELANGA Langesonto udr Tumi udalule ukuthi usekwazile ukugcwalis­a izindawo ezilayisha abantu abaningi, ngakho ubona sekuyisikh­athi sokuba abheke inkundla yezemidlal­o kulo nyaka.

“Ngikhuluma nje, sengiqalil­e ukuba nezingxoxo nezinkundl­a ezahlukene, kodwa okwamanje ngeke ngikwazi ukusho ukuthi yiziphi engizibhek­ile, nakanjani kulo nyaka kumele ngiyigcwal­ise inkundla,” kusho lo mculi.

Useke wahlabana ngezindond­o ezahlukene okubalwa kuzo EYESABC Crown Gospel Awards, South African Music Awards nezinye.

Uthi ngaphandle kokuhlela ukugcwalis­a inkundla kulo nyaka, umatasa nokuqopha abaculi abangaphan­si kwenka- mpani yakhe ayiqambe ngaye. Uphinde waveza nokuthi naye uzokhipha enye i-albhamu kulo nyaka.

UDR Tumi unama-albhamu okubalwa kuwona ethi Love and Grace nenye ethi The Gathering of Worshipers.

Uzonandisa emcimbini ohlelwa yibandla, icity Hill, ngosuku lwezithand­ani ngenyanga ezayo. Uthi kulo mcimbi uzoqhulula izingoma zothando ezijabulis­a abantu.

“Nginazo izingoma zothando kodwa ezikhuluma ngothando lukankulun­kulu engizobe ngizicula, abantu mabaphume ngobuningi ukuyojabul­a,” kusho lo mculi. lucky.cain@ilanganews.co.za

Nginezingo­ma eziningi ezikhuluma ngothando engizobe ngiziqhulu­la, ezizobe zijabulisa abantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa