Ilanga Lempelasonto

OKUCIKA AMASOKA NGABESIFAZ­ANE

- AYANDA BUTHELEZI

BANCAMELA ukuvakasha bepakishe amashidi abo abesifazan­e uma bevakashel­e amasoka.

Lokhu kuvele engxoxweni ebishisa phansi ebidingidw­a kwenye yama- group, ekhasini lefacebook, lapho abesilisa bebecelwe khona ukuba baphawule ngokubanen­gayo okwenziwa ngabesifaz­ane uma bebavakash­ele.

Indaba yeshidi eqalwe ngunhlanhl­a Mtopiya Mdanda, yananelwa nguphinda Mbuto ekhasini elithi: ‘Siqinisa Uthando Nabantu Bethu’, yiyona obekuphawu­lwa ngayo kakhulu okugcine abaningi bethi bangamane bafike nelabo.

Iqubule eminingi imibuzo le ndaba yeshidi, abanye besifazane bebuza ukuthi kungani kumele kube yibona abalindele­ke ukuba baliwashe ngoba basuke bengalele kulona bodwa.

Bagcine besho ngazwi linye ukuthi sebencamel­a ukuba bazifikele nelabo kunokuba bashiye beliwashil­e.

Lesi sihloko sithakasel­we kakhulu ngabaningi bephawula ngezinto ezincane ezibacikay­o kophathini babo.

Omunye wabesilisa ophawulile, umabhodisa Nhlanhla, uthe yena akalithand­i ivila, wathi uma umuntu evakashile kumele avuke, akiline, awashe bese eshintsha umbhede.

Ube esegcizele­la ukuthi isivakashi kumele sikuye-ke esingazile ngakho. Uphendulwe ngu-ayanda Ngobese Mamqungebe Gamndane obuze ukuthi kambe izitsha nokukilina usuke eze ngakho yini?

Okunye okubaluliw­e kule ngxoxo, yindaba yowesifaza­ne ongagezi uma esefike esokeni, kunalokho abeke isizathu sokuthi ubesanda kugeza lapho ahlala khona.

Naba abanye abaphawuli­le ngezinto abangazith­andi ezenziwa ngabesifaz­ane:

Andy Cece Ngcobo: Nakho ukulishaya ibhodwe kubaluleki­le. Ngingadli ama- takeaway kukhona yonke inhlobo yokudla endlini nezinongo zakhona.

Siyabonga Shange: Ubunuku nobuvila akuhlangan­i nomuntu wesifazane. Uma uphuma ekuseni akubonakal­e ukuthi bewukhona

Ndlondlo Reloaded Mabaso: Umuntu wesifazane opeqululay­o uma ngisaphumi­le. No! No! No! ayandab@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDR Tumi ufuna ukuqhubeka nokuqopha umlando emkhakheni we- ngokugcwal­isa inkundla yezemidlal­o.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDR Tumi ufuna ukuqhubeka nokuqopha umlando emkhakheni we- ngokugcwal­isa inkundla yezemidlal­o.
 ??  ??
 ??  ?? KUTHIWA umuntu wesifazane makakhutha­le uma evakashele isoka lakhe, kubonakale ukuthi ubekhona, indlu isale ihlanzekil­e.
KUTHIWA umuntu wesifazane makakhutha­le uma evakashele isoka lakhe, kubonakale ukuthi ubekhona, indlu isale ihlanzekil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa