KUSAHLAZIYWA ISINQUMO NGEBHEYILI
IFIHLWE ngolwesihlanu emeadowlands, esoweto egoli, inkosikazi yomculi wodumo lwesihluthu se- wig, nesitshako, upitch Black Afro, othinteka ecaleni lokubulawa kwayo (inkosikazi).
Ngokwemibiko, ucatherine “Trisha” Modisane (41), watholakala eseshonile kwenye yama-b&b ebellevue, ngaseyeoville, egoli.
Upitch Black Afro ogama lakhe langempela nguthulani Ngcobo, ubhekene necala lokubulala, ukubulala okuhleliwe nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Ngesikhathi evele enkantolo ngolwesine, imantshi ulucas van der Schyff, imchazele ukuthi kufanele athole ummeli kuleli cala. Ungcobo uphendule imantshi, wayitshela ukuthi akanayo imali, uzofuna ummeli wakwa-legal Aid.
Lo mculi usagcinwe esitokisini kuze kuthathwe isinqumo sokuthi uyayithola yini ibheyili. Ngesikhathi evela enkantolo ngolwesine, bekusalindeleke ukuba umphenyi wecala aqinisekise ikheli lasekhaya likamsolwa.