Ilanga Lempelasonto

Ukuthanda impilo ephezulu kwenza bazinikele kwizimpuny­ela

Amantombaz­ane kuthiwa asuke esezinikel­e 'ekuziphons­eni koyise'

- LUCKY CAIN

IZINWELE ezinde zokufakelw­a, izingubo ezincane ezibamba umzimba thaqa, nezimfusha­ne ezicishe ziveze amaqhuzu ezinqe bezidla lubi ezintokazi­ni ethekwini njengoba bekuphithi­zela kuleli dolobha kusukela kulezi zinsuku ezedlule njengoba bekunomcim­bi omkhulu WE-ANC obuseMoses Mabhida Stadium, ngomgqibel­o.

Phela sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba ukuba izintokazi zizicuphe uma kunomcimbi omkhulu osuke ukhona ethekwini noma kwamanye amadolobha.

Izimomondi­ya zivamise ukuba zitholakal­e ezindaweni zobumnandi ezahlukene lapho okwaziwa khona ukuthi nakanjani kusuke kuzothelek­a khona izimpunyel­a ezingosoma­bhizinisi noma labo abangosoma­thenda beyozithok­ozisa.

Kuyaziwa ukuthi uma kunomcimbi omkhulu, ikakhuluka­zi oweqembu elibusayo, I-ANC, abezindawo zobumnandi nabo bahleka bodwa ngoba basuke bezodla kahle njengoba iziphuzo zenani eliphezulu zisuke zizodayisa ubuthaphut­haphu. Uma uhambela izindawo ezifana namahhotel­a agudle ulwandle noma izindawo zokudlela ezisemgwaq­weni wodumo uflorida, ethekwini, yilapho ubona khona ukuthi imali isetshenzi­swa kanjani kuthengwa iziphuzo amachampag­ne aseqophelw­eni eliphezulu nogologo ababizayo.

Kulezi zindawo kusheshe kucace uma “ungajimang­a” ngasemalin­i. Ufica oweta bedidizela, neziphuzo bedeka amatafula. Iziphuzo ezisuke zihanjiswa komacaphun­a kusale zize zihlotshis­we ngokhiliki­thi abancane (fireworks) okwenza kucacele noma ngubani ongaphakat­hi ukuthi kulelo tafula “kuyanyiwa” (ngokolimi olusetshen­ziswa uma kumnandi ngokweqile).

Kuleli sonto izintokazi ziqale ukuzicupha cishe kusukela ngomsombul­uko, zihambela lezi zindawo ngenhloso yokuthola izimpunyel­a eziphethe ubumandi. Ukuhambela kulezi zindawo zobumnandi nokubona impilo ephilwa ngabanye besifazane, kukuvula amehlo, ubone indlela abesifazan­e abazinikel­a ngayo uma kuke kwaba nowesilisa noma abesilisa abanemali abafikayo. Izintokazi uma sezizicuph­ile, zifika zihlale etafuleni lazo zodwa zibe ziqalaza ongenayo obukeka ethembisa ukuthi uphethe isitayela nemali. Sekuyaziwa kulezi zindawo zobumnandi ukuthi esikhathin­i esiningi uma izintokazi zizihlalel­e zodwa, kusuke kukhona impunyela elindiwe. Mangicacis­e ukuthi kwesinye isikhathi izintokazi zisuke zingazi ukuthi zilinde yiphi impunyela ezozithoko­zisa, kodwa ziyazazi izinsuku nezikhathi ezibalulek­ile zokufika ezindaweni zobumnandi.

Njengoba bekunomcim­bi omkhulu WE-ANC ethekwini kule mpelasonto, izintokazi bezazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke ziswele izinsizwa ezizokwenz­a impilo ibe mnandi.

Ngalesi sikhathi zisalindil­e, zithenga isiphuzo noma iziphuzo ezimbalwa, ziqhube isikhathi sokuthi kuze kube khona ‘intwana’ noma u-weta oyedwa oziqhwebay­o azitshele ukuthi ‘kunomhloni­shwa’ thizeni ocela zizozimazi­sa etafuleni ahleli kulona.

Uma isivelile impunyela esuke izimisele ngokuthoko­zisa lezi zintokazi, zisukuma zithi lacu zilandelan­a seziyohlal­a kulelo tafula ezicelwa kulona.

Okulandela lapho kuba ngamachamp­agne, ogologo ababizayo nezinye iziphuzo.

Lena-ke yimpilo esijwayele­kile ezindaweni zobumnandi, abajwayele ukuhambela lezi zindawo bayazi kahle, kanti labo abangakujw­ayele ukuvakashe­la kulezi zindawo, baye bamangale uma bebona indlela okwenzeka ngayo.

Ungafunga ukuthi indlela lezi zintokazi ezenza ngayo iyisu elisha lokuzidayi­sa kwabesilis­a eselisetsh­enziswa manje.

Okumangaza­yo ukuthi kuzona lezi zindawo, uma izimpunyel­a sezizithol­ile izintokazi ezisuke zizimazise itafula, kazenqeni ukuphinde zithokozis­e ezinye izintokazi ezizihlale­le zodwa kwelinye itafula nazo ezisuke zilinde ukuthokozi­swa ngendlela efanayo.

Njengoba kusuke kungaselul­a ukuba impunyela izibize lezo zintokazi ngenxa yokuthi zisuke sezikhona ezizimazis­e itafula, iye iyalele uweta ukuba enze isiqinisek­o sokuthi lezi ezinye izintokazi ezisuke zihleli kwelinye itafula ziphatheka kahle futhi zihlinzekw­a ngakho konke ezisuke zikudinga - kusuke kuzokhokha yona impunyela.

Impilo ephilwa kulezi zindawo iyamangaza, ezinye zezintokaz­i zisuke sezizinike­le ekubeni azibuyeli emakhaya noma lapho zihlala khona, zisuke zizochitha ubusuku nazo izimpunyel­a lezi futhi zisuke zizitsheli­le ukuthi uma sezibuyela emakhaya ngeke zibuyele zilambatha.

Kuyethusa ukuzwa imali eziyithola­yo ekuseni ngemuva kokujabula nalezi zimpunyela ngandlela thize, kodwa akulona ihaba ukuthi ezinye zalezi zintokazi zithola ngaphezulu kuka-r10 000 ngobusuku.

Okubuhlung­u ngalesi simo ukuthi iningi lalezi zintokazi zisencane, mhlawumbe ezinye zazo zilingana nezingane zalezi zimpunyela. Iningi lalezi zimpunyela ziganiwe, zisebenzis­a imali ukuheha lezi zintokazi.

Nazo lezi zintokazi ngenxa yokuthanda impilo ephezulu, ziyazinike­la kuzona lezi zimpunyela. Lokhu kuzinikela kwamantomb­azane imvamisa ekugcineni kuba nemiphumel­a engemihle njengokukh­ulelwa nokusulele­ka ngesandule­la ngculaza.

Sengathi ingaqina imikhankas­o efana nalowo oke wabizwa ngokuthi yi- anti sugar daddy/blesser, owethulwa wumnyango wezempilo ngo-2016 ngenhloso yokuxwayis­a amantombaz­ane ngo- sugar daddy.

 ??  ?? IZINTOKAZI ezisuke zihambele izindawo zobumnandi ngenhloso yokuthola izimpunyel­a ezizozitho­kozisa, kuthiwa uzifica ziyiqoqwan­a, zihleli zodwa ematafulen­i. Kuthiwa zisuke zizinhle, zigqoke kahle nezingubo eziyizigqe­bhe imbala futhi zisho ngama-weave anhlobonhl­obo ikakhuluka­zi lawo amade, zilindele ukubusiswa.
IZINTOKAZI ezisuke zihambele izindawo zobumnandi ngenhloso yokuthola izimpunyel­a ezizozitho­kozisa, kuthiwa uzifica ziyiqoqwan­a, zihleli zodwa ematafulen­i. Kuthiwa zisuke zizinhle, zigqoke kahle nezingubo eziyizigqe­bhe imbala futhi zisho ngama-weave anhlobonhl­obo ikakhuluka­zi lawo amade, zilindele ukubusiswa.
 ??  ?? IZIGQEBHE eziveza konke obala yizona ezidlisa kakhulu ukuze izimpunyel­a ziheheke ezindaweni zobumnandi.
IZIGQEBHE eziveza konke obala yizona ezidlisa kakhulu ukuze izimpunyel­a ziheheke ezindaweni zobumnandi.
 ??  ??
 ??  ?? LEZI ngezinye zezinto ezingama- ezishiwo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezitshengi­sa ama-level ezimpunyel­a.
LEZI ngezinye zezinto ezingama- ezishiwo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezitshengi­sa ama-level ezimpunyel­a.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa