ZITHOLELE UMAQONDANA
NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engu-46 odinga ukuxhunyaniswa nowesifazane oyi-sheMALE nozoba yindoda kimi, ngibe ngumfazi wakhe. Makube ngomuhle, ohloniphayo noziphethe kahle futhi ame kahle.
Makube ngoneminyaka ephakathi kuka-20-35. Ngiyaxolisa kophuzayo, obhemayo nosejele. Ngitholakala kwethi: 079 466 5568 noma ku-074 792
8019. NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engu-49 odinga ukuxhunyaniswa nowesilisa ophakathi kuka50-58. Ngicela kube ngozimisele osekhathele wukudlala.
Ngiyaxolisa kwabasemajele nabaphuzayo, kube ngosebenzayo ngoba nami ngiyasebenza. Angaba HIV positive kodwa kube ngozinakekelayo. Ngitholakala kwethi:
079 922 1833.
NGIYINTOKAZI eneminyaka engu-50 edinga ukuxhunyaniswa nowesilisa oneminyaka ephakathi kuka48-70. Ngingajabula uma kungaba ngokholwayo, owesaba ujehova. Abadlalayo nabasemajele bangangithinti. Ngitholakala kwethi: 083 363 0709.
NGINGOWESILISA oneminyaka engu-35. Angiphuzi, angibhemi futhi ngiyabukeka. Ngikhonza ezayoni. Ngicela owesifazane oneminyaka ephakathi kuka-30-40. Makube ngumuntu ongangisiza ngendawo yokuhlala noma engingamsebenzela. Makube ngumuntu oneqiniso nothando. Ngiyaxolisa kwabaphuzayo, kube ngumuntu oseduze netheku. Ngitholakala kwethi: 076 822 6443.
NGINGOWESILISA oneminyaka engu-40 ocela ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka ephakathi kuka-30-45 oseduze netheku. Makube ngonothando nenhlonipho, ongaphuzi ngoba nami angiphuzi. Makabe nenhlonipho, ngingajabula kube ngosebenzayo ngoba nami ngiyasebenza. Ngitholakala kwethi 082 354 2189 enanoWhatsapp.
NGINGOWESILISA oneminyaka engu-47 ocela ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka ephakathi kuka-27-31. Makube ngumuntu ongenankinga nesithembu, abe okungenani nengane eyodwa.
NABAHIV positive bamukelekile. Ngicela kube ngosemnambithi namaphethelo noma egoli. Ngitholakala kuwhatsapp enambeni ethi 062 924 9803.
NGINGUMAMA oshadile oneminyaka engu-51 ocela ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka ephakathi kuka-19-25, ongenabani, oxakekile ozohlala nami abe yingane yami. Makube ongazisebenzisi izidakamizwa, nonengane ulungile kodwa kube ngonesifiso sokuya phambili empilweni, bangazihluphi abagangayo. Ngitholakala kwethi: 083 373 6449 noma ku 082 727 3687.
NGINGOWESILISA oneminyaka engu-59 ofuna ukuxhunyaniswa nomunye wesilisa othanda abesilisa noma owesifazane onobulili obubili, kangikhethile.
Iminyaka kayisho lutho inqobo nje uma ezoba nothando. Ngingajabula kube ngoseduze nasenewcastle, abe nowhatsapp. Ngitholakala ku-073 102 6251.
NGINGOWESILISA oneminyaka engu-50 ocela abesifazane abanothando lweqiniso esizofihlana nabo. Ngicela kucace ukuthi sizofihlana nabo ngoba sengihlukumezeke kakhulu.
Kumele babe nenhlonipho, impatho, izidudla ezingamanono, babehiv positive, bangaphuzi futhi bangabhemi. Mababe neminyaka ephakathi kuka-35 no-64 babe semzinto, emzimkhulu, Highflats noma ethekwini. Ngitholakala kwethi: 082 958 3351 noma 079 572 0341.
NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engu-40 ofuna umuntu ongaphuzi oneminyaka esukela ku-45 kuya phezulu. Makube ngowaziyo ufunani empilweni. Ngitholakala ku: 063 515 8618.