Zimapeketwane izinto kwimaritzburg United

Ibambe abadlali bayo abaqamba amanga ngokulimala...

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

SIMAPEKETWANE isimo kwimaritzburg United elengelwa yizembe njengoba kuvela ukuthi kunabadlali abahudula izinyawo ngamabomu ngenxa yokuthi kabasathandi ukuba kule kilabhu.

Iteam of Choice isenkingeni njengoba ibalwa namakilabhu angase agencwe yizembe. Yiyona ebambe ibhuleki emsileni we- log.

Isanda kwehlulwa yifree State Stars ngo-2-1 kowe-absa Premiership ngolwesithathu ebusuku eharry Gwala Stadium, emgungundlovu.

Selokhu kuqale isizini kayikaze inqobe mdlalo ekhaya.

Leli phephandaba lithole ukuthi le kilabhu ibhinjelwa yizinto nje, yingoba kunabadlali abangasakuthandi ukudlala kuyona.

Kuthiwa kunabanye okubanjwe ukuthi baqambe amanga bathi balimele okuthe uma beyohlolwa kwatholakala ukuthi kabanalutho, yingoba kabasathandi ukudlalela le kilabhu.

Leli phephandaba lishayela ufarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikazi wemaritzburg, obezwakala ukuthi udangele, uvumile ukuthi kukhona okungahambi kahle ekilabhini yakhe.

“Kuyiqiniso ukuthi kukhona okungahambi kahle ekilabhini. Sizama ngazo zonke izindlela ukukulungisa.

"Bakhona abadlali esibabambile abebethi balimele kanti kabanalutho, bahubhuza amanga.

"Isishaqisile le nto kodwa sazama ukuyilungisa. Ngeke ngiqambe amanga inkinga yona ikhona kodwa sizozama ukuyilungisa,” kusho ukadodia.

Imaritzburg ibukeka izalelwe yinja endlini njengoba emidlalweni yayo emihlanu ezayo yeligi uwodwa nje vo ozokuba sekhaya.

Umdlalo wayo olandelayo izowugijima nemamelodi Sundowns ekuhambeni, kube yichippa United ekuhambeni, yibidvest Wits ekuhambeni, yipolokwane City ekhaya kuzoku- ba yicape Town City ekuhambeni. Cishe le midlalo yiyona ezocacisa ngekusasa layo kulesi sigaba.

“Ngeke ngiqambe amanga sibhekene nesimo esinzima kodwa-ke yibhola leli kwenzeka noma yini. Ithemba kasililahlile sizokulwa kuze kube sekugcineni,” kuphetha ukadodia.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMNIKAZI wemaritzburg United, ufarook Kadodia uthi udangele ngabadlali abahudula izinyawo ngamabomu kule kilabhu ebhinjelwa yizinto kwipsl.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.