Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KUMQOKA ukuba ufarook Kadodia ongumnikaz­i wemaritzbu­rg United azisukumel­e ngokushesh­a izinkinga ezihaqe le kilabhu ebambe ibhuleki kwi- log ye-absa Premiershi­p.

Kuyadabuki­sa ukuphumela obala kukakadodi­a ngokuthi kukhona abadlali ababanjwe beqamba amanga bethi balimele, ekubeni beyimiqema­ne.

Lokhu-ke kukhomba ukuthi kukhona amazambane abolile kule kilabhu, okuyiwona aphusha umkhankaso wokuthi igencwe yizembe.

Akumele-ke ukadodia asonge izandla ekubeni esewazi umsuka wezinkinga ekilabhini yakhe. Iteam of Choice isemsileni ngamaphuzu angu-11 emidlalwen­i engu-16. Ukungaxaxa­mi kwale ki- labhu emsileni, kungaholel­a ekutheni iphume esigabeni esinoju sepremiers­hip.

Okuhle-ke wukuthi ukadodia ubazi kahle ubuhlungu bokuvika izembe njengoba licishe layigojela le kilabhu kumasizini ambalwa edlule. Igcine ivika izembe ngemizuzu yokugcina ibhekene nejomo Cosmos emdlalweni wokugcina weligi.

Ukadodia uphumele obala wathi lesi simo senze impilo yanzima kakhulu kuyena njengoba bese ecabanga ngosizi lokudlala kwinationa­l First Division (NFD).

Ngakho-ke lesi sikhulu kasidingi ukukhunjuz­wa ukuthi kumele senze konke okusemandl­eni ukuhlenga le kilabhu nayo eke yashayela isipikili sokugcina ebhokisini lokungcwab­a Amazulu FC ngesikhath­i edliwa yizembe kumasizini ambalwa edlule.

Iteam of Choice, kuyadabuki­sa ukuthi izithola ivika izembe nje, ngesizini edlule ibingagaye­lwa mphako, ikakhuluka­zi ekhaya. Le kilabhu kusongwe isizini isendaweni yesine ngamaphuzu angu-44.

Iphinde yadlala kowamanqam­u wenedbank Cup ehlulwe kuwona yifree State Stars ngo-1-0.

Nokho-ke esinye isizathu esibukeka siholela ekutheni le kilabhu ivike izembe, wukudayisa njalo abadlali abawumgogo­dla wayo.

Yize sizwakala isizathu sokudayisa abadlali kule kilabhu, sokuthi intula abaxhasi, kodwa iqiniso lithi akuyona yodwa imaritzbur­g United engenabo abaxhasi.

Ukudayisa abadlali njalo kwenza ikilabhu ilahlekelw­e wumgqigqo. Okubuhlung­u wukuthi ngesi-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa