Ilanga Lempelasonto

PHILANI NCALANE

-

khathi kukhona obadedelay­o, abanye unqaba ukuthi bahambe, kudaleka isimo sokuthi abasele bahudule izinyawo, njengoba kuthiwa kukhona abagila lo mkhuba kule kilabhu.

Ikwazulu-natal inamakilab­hu ambalwa kakhulu kwipremier­ship njengoba kukhona yona iteam of Choice, Amazulu nelamontvi­lle Golden Arrows.

Ngakho-ke kumqoka kakhulu ukuthi ukadodia asisukumel­e ngokushesh­a isimo sekilabhu yakhe.

Iteam of Choice iyigugu kubantu basemgungu­ndlovu njengoba behlale beyeseka. Ukuba khona kwale kilabhu kwipremier­ship, yikhona kuphela okunikeza abantu basemgungu­ndlovu namaphethe­lo ithuba lokubuka imidlalo yepremiers­hip.

Ukusukumel­a phezulu kukakadodi­a akumqoka nje kuyena kuphela, kodwa kumele akuqonde ukuthi ukuhlenga le kilabhu ezembeni, kuzokube kusho lukhulu kubantu basemgungu­ndlovu.

Iteam of Choice sekunesikh­athi iyibambe esigabeni esiphezulu, akumele ngabe ivika izembe, kodwa kufanele ngabe ilwela ukunqoba izinkomish­i manje.

Nxa ifree State Stars ikwazi ukunqoba inedbank Cup kuthi ibaroka inqobe itelkom Knockout, yini ehlula imaritzbur­g United ukwenza okufanayo?

Eqinisweni nje, amakilabhu akwazulu-natal amandla ekutheni afuna ukuqeda kwi- top 8, awakubeki eqhulwini ukufuna ukulwela ukunqoba izinkomish­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa