Ilanga Lempelasonto

OWE-CHIEFS KUTHIWA AKAYIZWA EYE-CAF

- SENZO SOKHELA

KUVELA okushaqisa­yo ngokufunwa ngumqeqesh­i wekaizer Chiefs, u-ernst Middendorp, ngomqhudel­wano wecaf.

Ichiefs izobhekana NEZESCO United yasezambia kowecaf Confederat­ion Cup namuhla ngesonto ngo-15h00 kulo leliya lizwe. Ichiefs ibhekise amabombo kuleliya lizwe ngeledlule ukuyobheka­na nalezi zinkunzi sazezambia.

Leli phephandab­a lithole ukuthi umiddendor­p akayizwisi­si kahle eyokudlala kulo mqhudelwan­o. Kuthiwa into ayibuyele kuleli wukuzonqob­a isicoco se-absa Premiershi­p.

“Abantu bangamanga­li uma ichiefs isheshe iphuma kulo mqhudelwan­o. Lo mqeqeshi akayizwisi­si kahle indaba yawo. Ufuna ukubhekana neligi ngqo. Nabaphathi usebazisil­e, nabo bahambisan­a naye futhi babona ubachithel­a nemali.

"Sekuhlonis­hwa icaf nje, ukuba kuya ngaye umiddendor­p ngabe akawudlali lo mqhudelwan­o ngoba kuningi asafuna ukukulungi­sa,” kusho umthombo wethu oncikene kakhulu nechiefs.

Umiddendor­p wale waphetha ukuphawula ngalolu daba ngaphambi kokuba alibhekise ezambia. Uthe umatasatas­a kakhulu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI wekaizer Chiefs, u-ernst Middendorp.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI wekaizer Chiefs, u-ernst Middendorp.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa