Ilanga Lempelasonto

I-SABC ichithe iziqephu zozalo

Bakhale ngokugcwal­a kwazo amavukana

- THANDI ZONDI

SEKUVELE ezithi kubanjwa kuyayekwa emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge, uzalo; ISABC kuthiwa ichithe iziqephu ezintsha ebezizosak­azwa ekuqaleni kwesizini yawo entsha ezoqala ukusakazwa ngenyanga ezayo.

Kuthiwa ISABC ihlabe isenzo sabakhiqiz­i bozalo sokufaka inqwaba yabalingis­i abangamavu­kana kule sizini entsha.

Ngokusho kwemithomb­o ehlukene YELANGA Langesonto esondelene kakhulu nokwenzeka ngaphakath­i kulo mdlalo, abakhiqizi nabadidiye­li balo mdlalo bebefake inqwaba yabalingis­i abasha abangamavu­kana eziqeshini zale sizini entsha. Abanye balabo balingisi abafakiwe kuthiwa abakaziwa kwezokulin­gisa.

Omunye wale mithombo, uthi ISABC ikhale ngokuthi ukugcwala kwamavukan­a kuzokwehli­sa izinga lomdlalo, kubalekise nababukeli bawo.

Kuyaziwa ukuthi uzalo luwumdlalo osemqoka kakhulu kwaSABC kanti futhi emidlalwen­i yonke ekhona, lugabe ngawo njengoba kuyiwona ohamba phambili ezweni lonke ngokweziba­lo zababukeli njengoba ngonyaka owedlule sike senyuka safinyelel­a ku-10.2 million, laqopha umlando.

Ngokusho komunye umthombo ongaphakat­hi, bese kuqoshwe iziqephu zamasonto amane zesizini entsha, kodwa lokho sekujike kwafana nomsebenzi wenkawu njngoba kuphoqelek­e ukuba uqalwe phnsi lowo msebenzi.

“Isizini entsha ibizoba nenqwaba yamavukana kanti nakwi- storyline bekukhona lapho unkunzi (Masoja

Msiza) ezodutshul­wa khona, kodwa angafi. Lokho bekusho ukuthi usezovela izikhathi ezimbalwa. Leso senzo sibe sibi ngoba unkunzi ungomunye wabantu abadonsa ababukeli kuzalo,” kusho lo mthombo.

Omunye umthombo uthi njengenjwa­yelo, abalingisi babenikwe ama- script ngaphambi kokuba kushuthwe, kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhath­i, bephucwa wona, banikwa amanye ehlukile kulawa asekuqalen­i, sekukhona izinto eziningana ezishintsh­iwe.

U-ayanda Mthiyane okhulumela idreamcatc­her, okuyinkamp­ani ekhulumela uzalo, ephendula imibuzo YELANGA Langesonto ngalolu daba uthe: “Singaqinis­ekisa ukuthi konke kuhamba kahle nokuthi isiteshi sibavumile bonke abalingisi abasha.

"Isiteshi asikaze sibe nenkinga yethalente elisha elisuke liqashwe ngabakwast­ained Glass elisuke lizojoyina uzalo. Sizimisele ukuqhubeka nokuletha izitori ezimnandi,” kuphetha yena.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngasekuphe­leni konyaka owedlule kubikwe ukuthi unay Maps odlala indawo kamxolisi, uglen Gabela odlala indawo kapastor Mdletshe, nonokuthul­a Mabika odlala indawo kathobile, ngeke babuye kule sizini entsha.

Emasontwen­i edlule leli phephandab­a libike ukuthi nekusasa likagc ogama lakhe langempela ngukhaya Dladla, lisengcuph­eni kulo mdlalo ngenxa yokushayis­ana kwakhe nabaphathi bozalo mayelana nenkontile­ka yakhe entsha. Umthombo uthi UGC akabonwa nangalukha­lo kwiziqephu zokuqala zesizini yesihlanu. Lo mthombo uphinde waveza nokuthi okwakubikw­e yileli phephandab­a phambilini ukuthi uqhabanga uzoba ngumfundis­i, ashade nogabisile kusame kanjalo kanti futhi nendo-dana kankunzi ayithola kugabisile izovela, izobe ilingiswa nguWiseman

Ncube.

 ??  ??
 ??  ?? NGUWISEMAN Ncube ozolingisa kuzalo.
NGUWISEMAN Ncube ozolingisa kuzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa