I-SABC ichithe iziqephu zozalo
Bakhale ngokugcwala kwazo amavukana
SEKUVELE ezithi kubanjwa kuyayekwa emdlalweni kamabonakude owuchungechunge, uzalo; ISABC kuthiwa ichithe iziqephu ezintsha ebezizosakazwa ekuqaleni kwesizini yawo entsha ezoqala ukusakazwa ngenyanga ezayo.
Kuthiwa ISABC ihlabe isenzo sabakhiqizi bozalo sokufaka inqwaba yabalingisi abangamavukana kule sizini entsha.
Ngokusho kwemithombo ehlukene YELANGA Langesonto esondelene kakhulu nokwenzeka ngaphakathi kulo mdlalo, abakhiqizi nabadidiyeli balo mdlalo bebefake inqwaba yabalingisi abasha abangamavukana eziqeshini zale sizini entsha. Abanye balabo balingisi abafakiwe kuthiwa abakaziwa kwezokulingisa.
Omunye wale mithombo, uthi ISABC ikhale ngokuthi ukugcwala kwamavukana kuzokwehlisa izinga lomdlalo, kubalekise nababukeli bawo.
Kuyaziwa ukuthi uzalo luwumdlalo osemqoka kakhulu kwaSABC kanti futhi emidlalweni yonke ekhona, lugabe ngawo njengoba kuyiwona ohamba phambili ezweni lonke ngokwezibalo zababukeli njengoba ngonyaka owedlule sike senyuka safinyelela ku-10.2 million, laqopha umlando.
Ngokusho komunye umthombo ongaphakathi, bese kuqoshwe iziqephu zamasonto amane zesizini entsha, kodwa lokho sekujike kwafana nomsebenzi wenkawu njngoba kuphoqeleke ukuba uqalwe phnsi lowo msebenzi.
“Isizini entsha ibizoba nenqwaba yamavukana kanti nakwi- storyline bekukhona lapho unkunzi (Masoja
Msiza) ezodutshulwa khona, kodwa angafi. Lokho bekusho ukuthi usezovela izikhathi ezimbalwa. Leso senzo sibe sibi ngoba unkunzi ungomunye wabantu abadonsa ababukeli kuzalo,” kusho lo mthombo.
Omunye umthombo uthi njengenjwayelo, abalingisi babenikwe ama- script ngaphambi kokuba kushuthwe, kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi, bephucwa wona, banikwa amanye ehlukile kulawa asekuqaleni, sekukhona izinto eziningana ezishintshiwe.
U-ayanda Mthiyane okhulumela idreamcatcher, okuyinkampani ekhulumela uzalo, ephendula imibuzo YELANGA Langesonto ngalolu daba uthe: “Singaqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle nokuthi isiteshi sibavumile bonke abalingisi abasha.
"Isiteshi asikaze sibe nenkinga yethalente elisha elisuke liqashwe ngabakwastained Glass elisuke lizojoyina uzalo. Sizimisele ukuqhubeka nokuletha izitori ezimnandi,” kuphetha yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekupheleni konyaka owedlule kubikwe ukuthi unay Maps odlala indawo kamxolisi, uglen Gabela odlala indawo kapastor Mdletshe, nonokuthula Mabika odlala indawo kathobile, ngeke babuye kule sizini entsha.
Emasontweni edlule leli phephandaba libike ukuthi nekusasa likagc ogama lakhe langempela ngukhaya Dladla, lisengcupheni kulo mdlalo ngenxa yokushayisana kwakhe nabaphathi bozalo mayelana nenkontileka yakhe entsha. Umthombo uthi UGC akabonwa nangalukhalo kwiziqephu zokuqala zesizini yesihlanu. Lo mthombo uphinde waveza nokuthi okwakubikwe yileli phephandaba phambilini ukuthi uqhabanga uzoba ngumfundisi, ashade nogabisile kusame kanjalo kanti futhi nendo-dana kankunzi ayithola kugabisile izovela, izobe ilingiswa nguWiseman
Ncube.