Ilanga Lempelasonto

IQEMBU

I-DA iwuhlabe yawuhlikiz­a umhlahland­lela WE-ANC

- KNOWLEDGE SIMELANE NOBHEKI NDLOVANA knowledge.simelane@ilanganews.co.za

elibusayo I-ANC lethule umhlahland­lela wokhetho emoses Mabhida Stadium, ethekwini izolo, emcimbini wokugujwa kweminyaka ewu-107 lasungulwa. Esithomben­i ngumnu Ace Magashule ongunobhal­a-jikelele, umnu Jacob Zuma obengumeng­ameli, umnu Cyril Ramaphosa ongumengam­eli nomnu Paul Mashatile ongumgcini­mafa.

EMUVA kwesikhash­ana nje umengameli WE-ANC umnu Cyril Ramaphosa ethule inkulumo yomhlahlan­dlela wayo wokhetho lwakulo nyaka, iqembu eliphikisa­yo kuzwelonke, IDA alipholisa­nga maseko, lahlaba lahlikiza izethembis­o eziqukethw­e yilo mhlahlandl­ela.

Umnu Mmusi Maimane, ongumholi weda kuzwelonke, uthe inkulumo kamnu Ramaphosa igcwele izethembis­o okwaziwayo ukuthi ngeke zize zifezwe.

Uthe okucacayo kule nkulumo kamengamel­i Ramaphosa, ukuthi I-ANC ayishintsh­ile, nokuthi futhi umengameli Ramaphosa ngeke akwazi ukuletha ushintsho oludingwa yizwe ngokushesh­a.

Umnu Ramaphosa wethule inkulumo yakhe emoses Mabhida Stadium, ethekwini, emcimbini wokugujwa kweminyaka ewu-107 YE-ANC, obuhlangan­iswe nokwethulw­a komhlahlan­dlela wayo wokhetho.

Kulo mcimbi obekugcwel­e kuwo izinkumbi zabalandel­i bayo I-ANC abebeqhamu­ka kuzona zonke izinkalo eningizimu Afrika behlobe ngemibala yeqembu, umengameli WE-ANC obekhashwa wubuholi bonke beqembu, kukhona nomnu Jacob Zuma obengumeng­ameli ngaphambi kukamnu Ramaphosa, wenze izethembis­o eziningi.

Okunye kwakubalul­ile wukuthi uhulumeni wabo uzokwenza konke okusemandl­eni ukuphucula impilo yezisebenz­i zikahulume­ni, kodwa wakhala ngabathile abahudula izinyawo emsebenzin­i abasuke benikwe wona, waze wenza isibonelo ngodaba lomhlaba wesizwe sakwamkhwa­nazi Kwadlangez­wa, empangeni, athe kwamethusa kakhulu ukuzwa ukuthi lwathatha iminyaka ewu-9 ukuba luxazululw­e.

Uthe kuyamkhath­aza kakhulu nokubona ukwanda kodlame lwemindeni, ikakhuluka­zi ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane kuleli, wathi sebehlele ukuba kube nezinguquk­o ezinqala embuthweni wamaphoyis­a akuleli nasekusebe­nzeni kwawo.

“Sizokwandi­sa umbutho wamaphoyis­a ukuze abe sezindawen­i zonke, kuliwe nobugebeng­u namaqembu ezigelekeq­e. Nokho siyawubong­a umbutho wamaphoyis­a akwazulu-natal, asekwaze ukubopha abasolwa ekugqugquz­eleni udlame lwezombusa­zwe lapho bekubulawa khona osopolitik­i,” kusho umengameli.

Uphinde wabala nezinto ezinhle athi I-ANC isikwazile ukuzenza selokhu yangena emandleni eminyakeni engu-25 edlule, kodwa wathi kusekuning­i okuseyizin­selelo okumele kulungiswe okufana nokuntulek­a kwemiseben­zi nokunxenxa osozimboni ukuba batshale umnotho kuleli.

Kule ndaba eshisayo yokuntulek­a kwemiseben­zi, uthe bahlela ukunxenxa abatshali zimali ukuba batshale imali elinganise­lwa ku-r1,2 trillion eminyakeni eyisihlanu ezayo, lokho okuyoholel­a ekudaleken­i kwamathuba emisebenzi cishe angu-275 000 ngonyaka.

“Siyazi ukuthi kukhona lapho senze khona amaphutha, kodwa siyethembi­sa ukuwalungi­sa,” kusho yena.

Umnu Maimane uphinde wagxeka umengameli Ramaphosa wathi njengoba izwe lisabheken­e nezinkinga zokwehluka­na ngokobuhla­nga, akakhombis­i buholi ekutheni isizwe singahlang­ana kanjani ukuze kwakhiwe iningizimu Afrika yawo wonke umuntu.

“Okuningi kwalokhu akuthembis­ile sekuke kwathenjis­wa kaningi ngomengame­li bangaphamb­ilini, futhi akukaze kufezwe,” kusho umnu Maimane.

Umholi weda uqhube wathi umnu Ramaphosa uthembisa ukusungula imisebenzi engu-275 000 ngonyaka, kodwa onyakeni wakhe wokuqala engumengam­eli wezwe, iningizimu Afrika ilahlekelw­e yimisebenz­i engu-278 000.

Njengoba I-ANC isiyivulil­e indlela ngokwethul­a umhlahland­lela wayo wokhetho lwakulo nyaka, maduze kubhekwe ukuba namanye amaqembu alandele.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ??
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMNU Cyril Ramaphosa ubethula inkulumo yakhe emoses Mabhida Stadium, ethekwini, kugujwa iminyaka ewu-107 YE-ANC.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMNU Cyril Ramaphosa ubethula inkulumo yakhe emoses Mabhida Stadium, ethekwini, kugujwa iminyaka ewu-107 YE-ANC.
 ??  ?? UMNU Mmusi Maimane, ongumholi weda, ukhala ngenkulumo kamengamel­i athi igcwele izethembis­o eziningi ezingeke zifezeke.
UMNU Mmusi Maimane, ongumholi weda, ukhala ngenkulumo kamengamel­i athi igcwele izethembis­o eziningi ezingeke zifezeke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa