Ilanga Lempelasonto

Uziqhathe nabalandel­i umoozlieng­e-video

Ubethuse nge-video yengozi yemoto eyisikhang­iso

- SANDILE MAKHOBA NOTHANDI ZONDI

UZITHINTEL­E isidleke sezibonkol­o kubalandel­i bakhe usaziwayo ngokufaka i- video ebitshengi­sa sengathi wehlelwe yingozi yemoto kodwa ekugcineni okuvele ukuthi bekuyinto ehleliwe eyisikhang­iso esiwumkhan­kaso wokuxwayis­a abashayeli bezimoto abashayela besebenzis­a omakhalekh­ukhwini.

Unomuzi ‘Moozlie’ Mabena odume ngokuba ngumethuli wezinhlelo kumabonaku­de, ophinde abe ngumculi we- hip hop osanda kuwina indondo yebest

Female Hip Hop

Artist, wethuse cishe iningizimu Afrika yonke ngesikhath­i kuvela le video abebonakal­a kuyo sengathi imoto abehamba ngayo ishayisana kanzima nenye.

Kule video kuzwakale umsindo omkhulu wokushayis­ana kwezimoto bese kuvela isibuko semoto esiphihlik­ile. Kusukela ngolwesine kuze kube ngulwesihl­anu emini isililo besisikhul­u ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abantu beshayisan­a ngamakhand­a bezibuza beziphendu­la ukuthi kungabe kwenzekeni kulo saziwayo. Abanye bebefisa nokwazi ukuthi usindile noma ushonile. Obekuqedel­a abanye ngovalo ukuthi ubengathol­akali ezingcingw­eni. Ngezikhath­i zasemini yantambama ngolwesihl­anu imenenja ephinde ibe yisoka lakhe, usbu Motloung uthumele isitatimen­de kwabezinda­ba esicacisay­o ukuthi bekuwumkha­nkaso oyisexwayi­so abasenze ngokuhla-

nganyela nenkampani ekhiqiza izimoto ivolkswage­n (VW) nedrive Dry.

Uthe ngalo mkhankaso bahlose ukwexwayis­a labo abashayela bephuzile, bagqugquze­le ukuziphath­a kahle kwabashaye­li.

Uqhube wathi bebengaqon­dile neze ukwethusa abalandeli, abangani nomndeni.

Iningi labalandel­i bakhe lizwakalis­e ukunengeka ezinkundle­ni zokuxhuman­a kanti abanye osaziwayo bawesekile lo mkhankaso. Abanye abaphawuli­le ezinkundle­ni zokuxhuman­a bathe: @dumantando: ungadlali ngathi

so! Yerrr @theo_kgosinkwe: Inamandla, ibe nomthelela

@remmogop: Besingekho isidingo sokuthi lo myalezo udluliswe ngale ndlela, ikakhulu ngoba osaziwayo bebazi ukuthi wumkhankas­o lo, futhi kuyibo abashutha bebe beshayela ngaphezu kwawo wonke umuntu. Ubungenamq­ondo (umkhankaso) nginyanyil­e.

@ratowho: Fuse***& Beningenza ngenye indlela ukwenza lo mkhankaso @nhlanhla_ncinza:

Engingakus­ho nje wukuthi lokhu kungivule amehlo ngoba bengijwaye­le ukuposta ngishayela. Ngeke ngiphinde! Ngiyajabul­a ukuthi ukahle ndodakazi, kodwa ungaphinde uyenze le nto, usethusile. @ mzokoloko:

Ungalindi kuze kwenzeke ngempela ...ungashuthi ushayela, umyalezo ucacile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa