Ilanga Lempelasonto

BAZITHATHE­LA NGO'DLI' INDAWO KAMASIPALA

- SANDILE MAKHOBA

AMALUNGU omphakathi waselamont­ville, ethekwini akhala ngokugqoza kohlelo lokulethel­wa izindlu zomxhaso kahulumeni angenele ngo'dli' umhlaba kamasipala wetheku, osesilverg­len, ngasechats­worth, awushaqa, athi aseyazakhe­la izindlu kuwona.

La malungu omphakathi abedinwe egane unwabu izolo ngomgqibel­o, avuke ekuseni athatha amathuluzi ayomba kulo mhlaba, ahlukanise­lana iziza.

Akhala ngokuthi sekunesikh­athi eside elindele imixhaso, kodwa awayitholi.

Elinye ilungu elingathan­danga kudalulwe igama lalo, lithe selihlale iminyaka lilindele uxhaso lukahulume­ni, kodwa alufiki.

Lo mphakathi umba iziza nje, amaphoyisa kamasipala abekhona kodwa awazange awulwise.

Umnu Mthunzi Gumede okhulumela imeya yetheku, unkk Zandile Gumede, uthe basigxeka kakhulu isenzo sabantu abadla umhlaba ngo'dli' ngenhloso yokwakha.

“Uma abantu bezithathe­la emhlabeni kamasipala, babambezel­a intuthuko, kanti kunezindaw­o okungamele kususwe imvelo kuzona ukuze uma kufika izikhukhul­a ikwazi ukuvikelek­a.

"Manje abantu bavele babone ihlathi, balingenel­e,” kusho umnu Gumede. Uthi bazothumel­a ithimba elenza lo msebenzi ukuba bayosuswa laba bantu abazitapel­a emhlabeni kamasipala. makhoba@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? AMALUNGU omphakathi angenele indawo kamasipala wetheku, ayithatha ngo'dli'.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA AMALUNGU omphakathi angenele indawo kamasipala wetheku, ayithatha ngo'dli'.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa