Ilanga Lempelasonto

Ubuyela kumabonaku­de usophie

Abanye bathi ugugile ukuphatha uhlelo

- AYANDA BUTHELEZI

UBIZWE ngesigogwa­na abanye bemhalalis­ela umlingisi ophinde abe ngusomabhi­zinisi, usophie Lichaba (Ndaba)

( osesithomb­eni), emuva kokumemeze­la ukuthi useyehlule­ka wukuzibamb­a ngenxa yenjabulo njengoba eqokwe njengometh­uli wohlelo lukamabona­kude, oluyitalk show, ihashtag, oludingida izindaba ezithinta intsha ebizwa nge- millenials.

Yize bekukhona abamhalali­selayo kwazise bese kunesikhat­hi engabonaka­li kumabonaku­de, kodwa kunabangay­izwa nhlobo indaba yokuqokwa kwakhe ekubeni ngumethuli walolu hlelo ngenxa yeminyaka yakhe yobudala njengoba ena-47.

“Umuntu ongangaye ulwethula kanjani uhlelo lwentsha?” kubuza umlandeli utau Sebata.

Kukhona nabebembon­gisa nokuthi usewumqema­ne emuva kokusabala­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwesithomb­e sakhe lapho ayebonakal­a ehle khona kakhulu emzimbeni, okwaphoqa ukuba agcine ekuvezile ukuthi uphila nesifo sikashukel­a, i- diabetes type 2.

Lo mlingisi uthe useyehlule­ka wukuhlala nale mfihlo yalolu hlelo azolwethul­a ngokubambi­sana nozakwabo abathathu, umantsoe Pout, ufrancois Louw nojarred Doyle.

Ujuvais Dunn, oyi-executive Producer, uthe ihashtag izodingida izindaba ezithinta inhlalonhl­e nosikompil­o lwentsha ebizwa ngama- millenia (ezalwe phakathi kuka-1981-1996).

“Siyethule emuva kokuqaphel­a indlala yezinhlelo ezidingida okuqondene ngqo nale ntsha. Sibe sesibona isidingo sokuba nalolu hlelo-ngxoxo ukuze izwi lentsha nebhekene nakho kukwazi ukusabalal­a umhlaba wonke, kungagcini kuyinto ebadla bodwa," kusho yena.”

Uthi bacabange kanzulu ngabazopha­tha lolu hlelo, kanti okubachaza kakhulu ngabo wukuthi bonke bazoletha umsoco nesinongo esehlukile kwesomunye.

Ihashtag izoqala ukubonakal­a kumabonaku­de ngomhla ka-2 kundasa (March) kwi-e-extra ekhonjiswa kuchannel 105 kwi-openview nakwichann­el 195 kwidstv. ayandab@ ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa