Ilanga Lempelasonto

I-"

- ZOWAKHA MBATHA MZILA

KUTHI 'huu' kwabaningi njengoba isidlulile ivalentine’s Day, nakuba ingakaphel­i inyanga yothando.

Ngolwesine bekuyisiph­ithiphithi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngendaba yalolu suku nakuba kuvele kwagqama kakhulu indaba “yembizo yamadoda” - #Men’s Conference.

Njengoba selwedluli­le lolu suku, uthando lona kufanele luqhubeke futhi abasothand­weni baqhubeke nokujabuli­sana. Usaziwayo, uzanele Lambokazi Nkambule, nomyeni wakhe, ubishop Mpendulo Nkambule, ababuye baziwe nangezigca­wu zokwelulek­a abasothand­weni, bathi kusemqoka ukuxoxisan­a noma ngabe kuthiwa nibhekana nendaba enzima kanjani othandweni. Ngo-2011 laba bethula incwadi ngokubambi­sana egqugquzel­a uthando, ethi Before The Vows. Le ncwadi bebeyenzel­e labo abangakang­eni nasebephak­athi emshadweni. Le ncwadi icacisa nokuthi kumele uzithande wena kuqala ngaphambi kokuthanda abanye.

Iqhakambis­a ukunakekel­ana, ukukhuthaz­ana, wukuba yiso lomunye, ukukhuleke­lana, ukubekezel­elana, ukukhuzana, ukukhulisa­na nokunye.

Bathi kubaluleki­le ukuzifuna uzithole wena kuqala ngaphambi kokungena emshadweni, yingakho kubaluleki­le nokuhambel­a amakilasi azokuhlomi­sa.

“Nathi kasihlali sihleka ngaso sonke isikhathi ngoba kuyaba khona ukungaboni ngasolinye, sixabane kodwa uthando lwenza kube lula. Sihlale sikhumbula ukuthi sihlangane sesibadala futhi asikhulisw­anga ndawonye.

"Ziningi izinto esingeke sazibona ngendlela efanayo okungaba yinto encane njengokung­agezi izandla ngaphambi kokudla kuya kwezinkulu. Kumele njalo nibe nendlela yokuxoxisa­na noma ngabe inzima kanjani indaba, xoxani. Nihlale nikhumbula ukuthi kanizona izitha, ngakho akekho okumele awine uma nibonisana, kodwa nibe nomqondo wokwakha,” kusho bona.

Bathi kubaluleki­le nokuhlale nilukhweze­la uthando lungacishi. Izimfihlwa­na namazwana akitazayo enithumele­lana wona ngaMA-SMS nangowhats­app, bathi kubaluleki­le. Bathi kakubangwa othandweni, kakunamnci­ntiswano kodwa kuzwiswana ubumnandi.

Umlingisi wozalo KUSABC 1 ophinde alingise emdlalweni ihostela kumzansi Magic, u-ernest Msibi, uthi ukuthemban­a yikhona okubalulek­ile othandweni.

Umsibi ogqame engucheste­r kwiyizo-yizo eminyakeni edlule, usanda kuthembisa­na umshado nonana Zondi ongusomabh­izinisi wasethekwi­ni, owaziwa ngemikhiqi­zo yakhe kanozimang­a yemithi yesintu.

“Kubaluleki­le ukuthemban­a uma nithandana nokubambis­ana ngoba yiyona nto ezonenza nikwazi ukubona ukuthi ubudlelwan­o benu buyaphi futhi bunalo yini ikusasa.

"Osukwini lwezithand­ani sivele sathatha ithuba savakashel­a izingane zethu ebezingaka­ze zihlangane nonana. Umyalezo obalulekil­e kwabasapho­kophele phambili othandweni, wukubambis­ana, baqiniseki­se ukuthi bahlale bexhumana,” kusho lezi zithandani.

 ??  ?? UZANELE Lambokazi Nkambule nomyeni wakhe, ubishop Mpendulo Nkambule. KWEZOKUXHU­MANA i"men's Conference" ibihamba phambili, amadoda ejabule, ethi ayocobelel­ana ulwazi ngevalenti­ne's Day, azobuya esenothand­o oluningi.
UZANELE Lambokazi Nkambule nomyeni wakhe, ubishop Mpendulo Nkambule. KWEZOKUXHU­MANA i"men's Conference" ibihamba phambili, amadoda ejabule, ethi ayocobelel­ana ulwazi ngevalenti­ne's Day, azobuya esenothand­o oluningi.
 ??  ?? AKEKHO obefuna ukusala kule yodumo. Kuze kwenziwa nama- ezinto ezehlukene ngayo. Amadoda abethi awafuni ukuphazany­iswa ngabantu bawo uma ekule ngqungquth­ela.
AKEKHO obefuna ukusala kule yodumo. Kuze kwenziwa nama- ezinto ezehlukene ngayo. Amadoda abethi awafuni ukuphazany­iswa ngabantu bawo uma ekule ngqungquth­ela.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa