I-"
KUTHI 'huu' kwabaningi njengoba isidlulile ivalentine’s Day, nakuba ingakapheli inyanga yothando.
Ngolwesine bekuyisiphithiphithi ezinkundleni zokuxhumana ngendaba yalolu suku nakuba kuvele kwagqama kakhulu indaba “yembizo yamadoda” - #Men’s Conference.
Njengoba selwedlulile lolu suku, uthando lona kufanele luqhubeke futhi abasothandweni baqhubeke nokujabulisana. Usaziwayo, uzanele Lambokazi Nkambule, nomyeni wakhe, ubishop Mpendulo Nkambule, ababuye baziwe nangezigcawu zokweluleka abasothandweni, bathi kusemqoka ukuxoxisana noma ngabe kuthiwa nibhekana nendaba enzima kanjani othandweni. Ngo-2011 laba bethula incwadi ngokubambisana egqugquzela uthando, ethi Before The Vows. Le ncwadi bebeyenzele labo abangakangeni nasebephakathi emshadweni. Le ncwadi icacisa nokuthi kumele uzithande wena kuqala ngaphambi kokuthanda abanye.
Iqhakambisa ukunakekelana, ukukhuthazana, wukuba yiso lomunye, ukukhulekelana, ukubekezelelana, ukukhuzana, ukukhulisana nokunye.
Bathi kubalulekile ukuzifuna uzithole wena kuqala ngaphambi kokungena emshadweni, yingakho kubalulekile nokuhambela amakilasi azokuhlomisa.
“Nathi kasihlali sihleka ngaso sonke isikhathi ngoba kuyaba khona ukungaboni ngasolinye, sixabane kodwa uthando lwenza kube lula. Sihlale sikhumbula ukuthi sihlangane sesibadala futhi asikhuliswanga ndawonye.
"Ziningi izinto esingeke sazibona ngendlela efanayo okungaba yinto encane njengokungagezi izandla ngaphambi kokudla kuya kwezinkulu. Kumele njalo nibe nendlela yokuxoxisana noma ngabe inzima kanjani indaba, xoxani. Nihlale nikhumbula ukuthi kanizona izitha, ngakho akekho okumele awine uma nibonisana, kodwa nibe nomqondo wokwakha,” kusho bona.
Bathi kubalulekile nokuhlale nilukhwezela uthando lungacishi. Izimfihlwana namazwana akitazayo enithumelelana wona ngaMA-SMS nangowhatsapp, bathi kubalulekile. Bathi kakubangwa othandweni, kakunamncintiswano kodwa kuzwiswana ubumnandi.
Umlingisi wozalo KUSABC 1 ophinde alingise emdlalweni ihostela kumzansi Magic, u-ernest Msibi, uthi ukuthembana yikhona okubalulekile othandweni.
Umsibi ogqame enguchester kwiyizo-yizo eminyakeni edlule, usanda kuthembisana umshado nonana Zondi ongusomabhizinisi wasethekwini, owaziwa ngemikhiqizo yakhe kanozimanga yemithi yesintu.
“Kubalulekile ukuthembana uma nithandana nokubambisana ngoba yiyona nto ezonenza nikwazi ukubona ukuthi ubudlelwano benu buyaphi futhi bunalo yini ikusasa.
"Osukwini lwezithandani sivele sathatha ithuba savakashela izingane zethu ebezingakaze zihlangane nonana. Umyalezo obalulekile kwabasaphokophele phambili othandweni, wukubambisana, baqinisekise ukuthi bahlale bexhumana,” kusho lezi zithandani.