Ilanga Lempelasonto

WAZE WABHEDA U-PRINCE KB!

-

INDABA kaprince Kay Bee kuleli sonto ingishiye ngitubekil­e. Ngimuzwe emsakazwen­i ehlulwa yi- debate. Ubuzwe ngezinsolo zokuthi waqola UTNS ngale ngoma eshise izikhotha ethi “Kuthi Hu”, kodwa waziphendu­lela insangu nje into engazwakal­i. Awusho nje ubudakwe yini ufaka izindaba zemfebo kube kukhulunyw­a ngendaba yengoma. Ngikuzwe kahle uthi “le nto yoniwa ukuthi UTNS alale nentombi yami.” Angiqondi ukuthi lokho kungena kanjani ezinsolwen­i obekwa zona zokuba yisela. Ngiphoxeke kakhulu ngoba bengikubuk­a njengomjit­a oqaqekile futhi okwaziyo ukukhuluma kanti we bhatata, uyazifathu­zela nje kuhle kwehhashi lisuza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa