WAZE WABHEDA U-PRINCE KB!
INDABA kaprince Kay Bee kuleli sonto ingishiye ngitubekile. Ngimuzwe emsakazweni ehlulwa yi- debate. Ubuzwe ngezinsolo zokuthi waqola UTNS ngale ngoma eshise izikhotha ethi “Kuthi Hu”, kodwa waziphendulela insangu nje into engazwakali. Awusho nje ubudakwe yini ufaka izindaba zemfebo kube kukhulunywa ngendaba yengoma. Ngikuzwe kahle uthi “le nto yoniwa ukuthi UTNS alale nentombi yami.” Angiqondi ukuthi lokho kungena kanjani ezinsolweni obekwa zona zokuba yisela. Ngiphoxeke kakhulu ngoba bengikubuka njengomjita oqaqekile futhi okwaziyo ukukhuluma kanti we bhatata, uyazifathuzela nje kuhle kwehhashi lisuza.