Ilanga Lempelasonto

AVE BEZITSHELA UKUTHI BA-RELEVANT LABA, MXM!

-

KUNABANTU okumele sihlale sihlale sibakhumbu­ze ukuthi abadumile ukuze bezokwazi ukuzithoba, behle esihlahlen­i babuyele phansi la sikhona sonke. Laba bafana bedream Team angazi noma ababoni yini ukuthi seligaya ngomunye umhlathi manje, izinto zishintshi­le. Ubafica ezindaweni befake izibuko, bahlale ematafu- leni. Angazi-ke ukuthi ngubani lo owabakhohl­isa wabatshela ukuthi bangcono kakhulu kunabanye abantu. Bafana bami, umzala ngoba akanamngan­i uzonitshel­ake, dilikani ezitezi - anisekho phela kuleli zinga enanikulo izinto zisanihamb­ela kahle, kuyabheda manje. Yehlisani impakamo, ngeke inisize.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa