woza nazo mzala
NGABE USEHLULEKILE EMCULWENI UZAKES?
EMCIMBINI katwitty ngibe nokudideka nje okuncane ngozakes Bantwini. Awusho wezakes, awusaculi wena manje, usungu-dj? Bekumele ubike kuMzala kuqala ukuthi awuseyena umculi, usuklwebha amapuleti. Ngethuke kwaphela nasozwanini ngesikhathi ngimbona engena esteji eklwebha amapuleti. Phela bengilindele ukumbona eshwibeka ngemidanso yakhe, kanti angibuzanga elangeni uzakes akasayenzi yonke leyo nto. Waze wavelelwa unandi Mngoma ngokuba nendoda efunda impilo yasebusuku isindala kangaka. Mhlawumbe yena wayethi uzithandela umdansi kanti lutho kuzoshintsha ukudla epuletini - isingudj indoda, girl.