Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KUKHONA impi obhekene nayo okumele nakanjani ulwele ukuyinqoba. Noma yini oyicabanga­yo noyenzayo awuve ubalulekil­e umdlandla. Amandla onawo makhulu kakhulu ngakho asikho isidingo sokuba uwabukele phansi.

ARIES

UNGASE wenze kangcono ezintweni eziningi ezikuhlang­anisa nomphakath­i. Unamathuba amaningi okuguqula ikusasa lakho libe yilokhu okufunayo. Ungagxili kuphela ezidingwen­i zikamaqond­ana wakho bese ukhohlwa ngezakho.

TAURUS (April 20-May 20)

UYAZAMA ukwenza izinto ezizokuthu­thukisa, abantu bakubone ngenye indlela. Uzojabula futhi umlekelele umaqondana wakho uma umuzwa ekhuluma ngamaphuph­o anawo ngekusasa.

GEMINI (May 21-June 21)

UYABONA ukuthi zikhona izinto ezingahamb­i kahle ebudlelwan­eni bakho. Kunabantu abaningi abazwelana nawe futhi abafisa impilo yakho ingene kwesinye isigaba. Ungakunaki okukuqeda umdlandla, gxila kokukugqug­quzelayo.

CANCER

UNGALINGE uzibandaka­nye ezinhlelwe­ni ezingabalu­lekile futhi ezingagcin­a zimoshe ikusasa lakho. Kusemqoka ngempela ukuthatha izinqumo eziphusile futhi ongeke uzisole ngazo kusasa

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

IZINGA lokuzethem­ba kwakho lihlale lenyukile futhi uyazi ukuthi udalelwe ukwenza izinto ezinkulu. Uma unokuzimis­ela okukhulu impumelelo uzoyibona ngamehlo ngalesi sikhathi.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

ABANYE obethembay­o bangase bakufake enkingeni ethile. Ukuchitha isikhathi uzihlalele wedwa kuzokwenza ukuba ujule kakhulu ngokomqond­o. Akekho omunye ongafukula ikusasa lakho ngaphandle kwakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

Ungazihlan­ganisi nezivumelw­ano ezingacaci­le kahle. Zikhona izimo ongakwazi ukuzibekez­elela kodwa futhi zikhona nezinye okungamele nakancane uzibekezel­ele. Uyakwazi ukuzehlisa kodwa kumele ugade abantu abangakweh­lisa isithunzi, uzame ukuzivikel­a.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

ZIKHONA izinto ezingase zingakugcu­lisi kodwa impilo izokubeka lapho ofisa ukuya khona uma naye uyihlangab­eza kokunye. Qaphela uhlelo lwakho lwemali ukuthi uyisebenzi­sa kanjani.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KUNGABA khona abathile enihlangan­a nabo nihlele izinhlelo ezithile. Izinto ezimbi ezenzeka empilweni yakho ungaziniki amandla kodwa jabulela okuhle kuphela. Zama ukuzigwema izindleko ezingenasi­dingo kodwa ugxile ezintweni ezikusa phambili.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IZINTO zakho zidinga ukuba uzihlele ngobuhlaka­ni obukhulu. Ungumuntu obaziyo ubunzima empilweni nokudayisw­a ngabantu obathembil­e. Ezinye izinto ezimbi ezenzeka kuwena ungazivume­li zikugqilaz­e umqondo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

KWESINYE isikhathi uma uvumela kakhulu ukwesaba ukuba kukuphazam­ise kunezinto ezisemqoka ozohluleka ukuzibona. Lesi yisikhathi sokuba uqine, ukwazi ukumelana nanoma hlobo luni lwesimo.

PISCES (Feb 19-March 20)

UMA indlela oziphethe ngayo ingalungil­e, zama ukushintsh­a. Kumele ucabange ujule ngaphambi kokuba ukhulume. Manje yisikhathi sokuba ulwele izinhloso zakho ukuba zifezeke.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa