Ilanga Lempelasonto

3. NGILIYEKIS­A KANJANI ISOKA UTSHWALA?

- 2. NGIHLUSHWA NGUMYENI

UMBUZO: NGINGOWESI­FAZANE ohlala nomnyeni wakhe, sesikwenzi­le konke sekusele umshado kuphela. Inkinga yakhe ungibiza ngamagama angehli kahle. Ungifanisa nabantu abangaziph­ethe kahle ekubeni engakaze angibambe ngenza into engalungil­e. Kunalokho nguyena ongathembe­kile.

Sengimbamb­e kaningi eganga, uma ngimbuza uyangishay­a, sengize ngakhetha ukumyeka, ngisho ifoni yakhe angisayith­inti. Imali yakhe uyazibonel­a ukuthi uyenzenjan­i, angisazixa­ki nhlobo kangangoba sengize ngaphuma emalungise­lweni omshado.

Ngiyehlule­ka, sengibekez­ele kakhulu, ngisizeni! Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Udaba lwakho dadewethu lucace bha - uhlukumeze­kile kulobu budlelwane. Akekho-ke umuntu ofanelwe wukuhlala endaweni lapho ehlukumeze­ka khona. Ukuhlala nomuntu okuhlukume­zayo kuyingozi. Njengoba ekuthuka, akubi- UMBUZO: NGINENKING­A la, kunomuntu wale emazweni, bese ngithandan­e naye iminyaka engu15, sinabantwa­na ababili naye, ubengaziph­ethe kahle, engenza isilima sakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa