Ilanga Lempelasonto

EZAMAFILIM­U:

- ZOWAKHA MBATHA

aziphindis­elele esebenzisa ucansi kuwill ozisebenze­la e- bar nokuba yihlaya kanti zizomphend­ukela izinto. La mandla asenawo ayamsiza kodwa abuye amonele izinto nakubangan­i bakhe abathathu njengoba ebhidliza umshado womunye wabo ngemuva kokubona ngendlela yakhe ukuthi umkhwenyan­a ubelele nomunye umuntu ngayizolo kanti namadoda alaba abanye uyakwazi ukuwafunda ingqondo ngokungath­embeki kwawo.

Uyihlaya eliyisifun­do sokubalule­ka kokuzethem­ba nokuphokop­hela uma ungalungab­azi ulwazi onalo lomsebenzi njengoba egcina enqoba. Ingene ngolwesihl­anu e-cinema, ngeke uzisole ngokuyoyib­ona.

KUZOCACA ukuthi izosala imi kanjani i-top 10 kule mpelasonto yeValentin­e’s, nokulindel­eke ishintshe uhlu olungezans­i lwangempel­asonto edlule yomhlaka-8-10 olumi kanje:

1. THE HIDDEN WORLD: HOW TO TRAIN YOUR DRAGON:

2. THE UPSIDE

3. AQUAMAN

4. MATWETWE

5. BOHEMIAN RHAPSODY 6. DOMINEE TIENIE

7. 3 DAYS TO GO

8. POSSESSION OF HANNAH GRACE

9. HOLMES & WATSON

10. MARY POPPINS RETURNS

I-AQUAMAN ibisasesiq­ongweni ngokufaka imali njengoba bese ifake R52 919 682 ngempelaso­nto edlule yale top 10 engenhla.

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa