Ilanga Lempelasonto

UZONGO UVUMBUKE EJIMINI YE-PMB UNITED

- MFANAFUTHI NDLOVU

UVUMBUKE kwimaritzb­urg United umasibusan­e Zongo osezakhele udumo ebholeni lakuleli ngokuba yinkathazo ngaphandle kwenkundla yize enekhono elibabazek­ayo lokukhulum­isa ibhola.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi sekubambe isinqumo sika-eric Tinkler ngalo mdlali ogcine ukudlala elihlikihl­a kwiroyal Eagles. Omunye umdlali ozama ukuheha iso likatinkle­r nguthami Sangweni ochithwe yichippa United ngokuqala kwalo nyaka.

Kuthiwa bobabili laba badlali bakhombisa ukuzinikel­a ejimini selokhu benikwe ithuba lokujima nekilabhu.

“Yize kunzima kutinkler ngenxa yendawo ezakhe ezikuyona kwi- log kodwa kumqinisa idolo ukubona abadlali bemulwela enkundleni njengoba besanda kunqoba ipolokwane City ngo-3-1 koweligi emgungundl­ovu. Ngikholwa wukuthi bobabili bangakwazi ukusayina kule kilabhu yinqobo nje uma bezokwazi ukwehlisa abakudinga­yo uma kuphela inyanga.

“Phela kasikho isikhulu sekilabhu yebhola esithanda ukuzifaka embazweni ekubeni ikusasa lekilabhu lingacacil­e. Bayavutha ejimini futhi bayabonaka­la ukuthi bafuna ukubuyisa isithunzi sabo,” kusho umthombo.

Uquintin Jettoo oyimenenja kwiteam Of Choice, utshele ILANGA Langesonto ukuthi laba badlali basekhona ejimini, kodwa isinqumo kasikathat­hwa ngabo. Uthi uma sekuphothu­liwe bazokwenza isimemezel­o.

mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa